AKAFUNI ukubhekana ne-Orlando Pirates isazikhotha amanxeba ukaputeni weCape Town City, uLebogang Manyama, ohlabane ngomklomelo womdlali ovelele izinyanga ezintathu zilandelana.
Lo mdlali owayegijima kuSupersport United ukhethwe waba ngumdlali ovelele wenyanga ka-Okthoba noNovemba kwaphinde kwaba nguye futhi nangoDisemba.
Lo mdlali unikezelwe ngokusemthethweni imiklomelo yakhe kwelomkhulu lePremier Soccer League (PSL) eParktown izolo ntambama.
NgoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku eZimnyama zizoshukana neCity eCape Town Stadium emdlalweni we-Absa Premiership.
IPirates izinto aziyihambeli kahle. Ngempelasonto ibhaxabulwe yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 emdlalweni weligi obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. Ngaphambi kwalo mdlalo iPirates izodudulana neBidvest Wits e-Orlando Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku.
“Sifisa sengathi singahlangana nayo ingasadliwa ngale ndlela edliwa ngayo ngoba lokho kungayenza ukuthi ibe yingozi kakhulu kithina. Kodwa sizolwela ukuthi sithole umphumela omuhle kulo mdlalo,” kusho uManyama.
Lesi sikhwishikhwishi somdlali sesihlohle amagoli ayisishiyagalolunye kule sizini. Sisele ngamagoli amabili kuTendai Ndoro ozihola phambili ngangu-11.
UManyama ubonge ozakwabo ngokuqokwa njengomdlali ovelele izinyanga ezintathu zilandelana.
“Ngibonga ozakwethu engidlala nabo eqenjini lami, ukube abazange bafake isandla empumelelweni yami bengingeke ngikwazi ukuthi nginqobe le miklomelo. Ukulimala kungenze ngakhula ebholeni. Umqeqeshi * -Eric Tinkler naye ubambe elikhulu iqhaza ekutheni ngibe lapho engikhona. Ozakwethu engidlala nabo bangisize kakhulu. Bengingakaze ngiyicabange eyemiklomelo emithathu, mina ngibheke ukuthi iqembu lenze kahle okwami kuza kamuva,” kusho uManyama.
ICape Town City ihlezi endaweni yokuqala ku-log ye-Absa Premiership. Ngomzuliswano wokuqala ibigila izimanga kwazise idle umhlanganiso kuMTN 8.
“Umzuliswano wesibili uzoba nzima ngaphezulu kowokuqala weligi. Ngicabanga ukuthi sikulungele ukuthi sibhekane nezinselelo eziza nawo,” kusho uManyama.
UManyama uxhumana kamnandi no-Aubrey Ngoma uma iCity ihlasela.
“Ngimazi ngesikhathi esadlala ku-University of Pretoria, sadlala ndawonye nakuMpumalanga Black Aces njengoba manje sesilapha. Singabangani nangaphandle kwenkundla. Sibuka nebhola ndawonye. Ngiyazi kufanele ngime kuphi uma ephethe ibhola naye uyazi ngokunjalo uma mina ngiphethe ibhola kumele agebhe kanjani,” kusho uManyama.