UZIGXEKA yena umqeqeshi weFree State Stars, uNikola Kavazovic, ngokugawulwa yizembe kweqembu kwi-Absa Premiership.
I-Ea Lla Koto kuqinisekisiwe ukuthi isizoyincenga kwiNational First Division (NFD) emuva kokwehlulwa yiMamelodi Sundowns emdlalweni wokugcina ngoMgqibelo. Lokhu kushiya isifundazwe iFree State neqembu elilodwa kwiPremiership - iBloemfontein Celtic.
IStars sekungokwesibili idliwa yizembe. Kwenzeka ngesizini ka-2005/2006 kodwa yabuya emuva kwesizini.
Kulokhu uKavazovic waseSerbia, ofike ngoDisemba kwiStars ezovala isikhala sikaLuc Eymael, uwubhekise kuyena umunwe wathi ngeke athande ukulishiya odakeni iqembu.
“Ngeke ngilishiye iqembu. Lingilethele ukuthi ngilisindise ezembeni, ngahluleka. Uma konke kuncike kimina, ngiyahlala.
“Ngehlulekile wukususa ingcindezi kulo. Izinyanga eziyisihlanu zengcindezi zidale amaphutha amakhulu, sahlulwa amathuba amaningi okushaya amagoli okulula ukuwaqedela kunokuwashweba namaphutha odongeni lwethu. Lokhu bekungahlangene nezinga labo ngoba bonke bangadlala ngisho emaqenjini amakhulu. Ngingasho ukuthi ngihlulekile ukuqhamuka neqhinga elizobasiza ngokomqondo ukungagxili kulezo zinto nokubikwa abezindaba,” kusho uKavazovic.
IStars iqale ukuntenga ngasekuqaleni kwesizini. Lokhu bekuthiwa kwenziwa wukuthi emakhanda abadlali kusaduma isizini ka-2017/2018 abayivale ngendebe yeNedbank Cup. Ngaphambi kwemidlalo yokugcina ngoMgqibelo iStars ibisendaweni ka-14 kwi-log.
“Kufanele sikwamukele ukugawulwa yizembe. Sidlale neChippa, Leopards neBaroka lapha ekhaya okungamaqembu asezingeni lethu kodwa lokho asikukhombisanga enkundleni. Sithole amaphuzu amabili esikhundleni sayisishiyagalolunye. Yilapho esigawulwe khona yizembe, alisigawulanga namuhla. Ngakho kufanele siqhamuke neqhinga lokhuthi silakha kabusha kanjani iqembu nokubuya ngokushesha ngesizini ezayo.”