UKUYA emdlalweni wokugcina weCAF Champions League ngaphandle kokudunyelwa yikhanda ngezibalo yikhona okunikeza ithemba umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi noma kanjani bangakwazi ukubuya namaphuzu agcwele ekuhambeni azobafaka kuma-quarterfinal omqhudelwano.
Yize iningi lingakubona njengokuzifakela ingcindezi ukuhluleka kwePirates ukunqoba ekhaya ibambana ngo 2-2 nePlatinum FC ngempelasonto, uSredojevic ukhuluma ngokuzethemba ngomdlalo wabo wangoMgqibelo neHoroya eStade 28 Septembe, eConakry, ngo-3 ntambama.
EZimnyama ziya kuwona zisendaweni yesithathu kuGroup B ngamaphuzu ayisithupha. Zidinga amaphuzu amathathu ukuze zigudluze iHoroya ehleli endaweni yesibili ngamaphuzu ayisikhombisa.
“Kufana nokuthi usheshe wafika kwiPirates umdlalo wamanqamu weCAF Champions League. Siya laphaya ngaphandle kokwenza izibalo, sikuqonda kahle futhi kucacile okumele sikwenze ukuze siqhubekele phambili. Umdlalo (wePlatinum) siwuqale sinenhloso yokuqoqa amaphuzu amathathu futhi besazi ukuthi bekungeke kube lula ngoba besibhekene neqembu elihle. Kodwa nakhona lapha sifundile okuthile ngabadlali bethu. Awamaningi amaqembu angabuya kade elandela emuva ngo 2-0,” kusho uSredojevic.
Uthe okunye okukhulisa ithemba lakhe wukuthi ngisho kwiligi yakuleli, yiqembu lakhe eseliqoqe amaphuzu amaningi akuhambeni.
“Okusinikeza ithemba wukuthi kwiligi sesiqoqe amaphuzu awu-22 ekuhambeni. Ukuwina bekuzosisiza futhi besizoya emdlalweni senza izibalo, bese kwenzekani uma sesingenelwa igoli ekugcineni? Okunye njengomqeqeshi ngiyakholelwa kubadlali bami. Ngiyakholwa wukuthi umsebenzi esiwenzayo nabo uzosiholela ekutheni sithole lokhu esikudingayo.”
Uyivumile eyokuyeka izitha zibacindezele kuqala ngaphambi kokuthi babuye. Lokhu kwenzekile iPirates igcina ibambana ngo 1-1 neBloemfontein Celtic kanjalo nakowabakhaya neKaizer Chiefs.
“Siyayilungisa leyo nto. Angikholwa ukuthi kungenxa yesizathu esihambisana nebhola kodwa konke kusemiqondweni. Kumele sikufake kubadlali ukuthi umdlalo udlalwa umzuzu uqala uze uyophela,” kusho uMicho.
Khonamanjalo iMameodi Sundowns eqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayishumi izodlala neWydad Athletic ngoMgqibelo eMorocco ngo-7 ebusuku. ISundowns izibekisele indawo kuma-quartefinal ishaya iqembu laseNigeria, iLobi Stars ngo 3-0 eLucas Moripe Stadium ngempelasonto.