UTHULANI Hlatswayo ongukaputeni weBafana Bafana uthembisa ukuthi bazokwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations e-Egypt kusukela ngo Juni 21
UKAPUTENI weBafana Bafana, uThulani Hlatswayo usezibophezele ekutheni bona bazokwenza okungcono ukujabulisa abalandeli bezemidlalo baseNingizimu Afrika ngemuva kokushaya udaka kwamaqembu esizwe ahlukene ezinsukwini ezedlule.

Iqembu lesizwe labafana be-Under 20, Amajita, liqoqe amasakana alo labuyela ekhaya kusesekuseni kwiNdebe yoMhlaba esePoland.

Kuthe kusabatshazwa izinga eliphansi lalaba bafana abaphekwa uThabo Senong, kwaba ngamaProteas avulelwa ngenduku emidlalweni emibili yokuqala kwiNdebe yoMhlaba yekhilikithi ese-England.

NaseFrance bekungawahambeli kahle amaBlitzbokke kwiSevens World Series ehluleka wukungena kowamanqamu.

Kulandele iqembu lika-Under 23 elidlala kwiCosafa Cup eThekwini elidedele umdlalo kade lihamba phambili ngo 2-0, lagcina likhishwe yiBotswana kumaphenathi emidlalweni yokulwela isicoco.

Iqembu lesizwe labesifazane, iBanyana Banyana nalo libhudluzwe iNorway ngo 7-2 kowobungani.

Emasontweni ezayo amehlo azobheka kwiBafana ezoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), eEgypt kusukela ngoJuni 21.

IBafana ikuGroup D neMorocco, Namibia ne-Ivory Coast.

“Nginesiqiniseko sokuthi sizofika (kwi-Afcon) sizilungiselele ngokwanele,” kusho uHlatswayo ekhuluma nabezindaba ejimini yeBafana eSteyn College, eGoli izolo ekuseni.

Ebuzwa ukuthi ngabe ukungenzi kahle kwala maqembu kunyusa umthwalo kubona, uthe: “Noma kanjani. Kodwa ingcindezi ihlezi ikhona. Yithina esazifaka kulolu taku futhi yithi okumele sizikhiphe.

Okubalulekile akusikhona ukuthi uwa kangaki kodwa wukuthi uvuka kangaki. Kumele sibuyele emuva silungise amaphutha ethu.”

Lo mdlali wasemuva uthe umdlalo wabo neLibya kumele ubakhuthaze ngabangakwazi ukuzuza.

IBafana iya kwi-Afcon yayigcine ngo-2015 iphuma kweyamaqoqo, yahluleka wukuya ngo-2017. Yagcina ukunqoba umqhudelwano ngo-1996.

“Wonke umuntu ugqugquzelekile. Senze kahle emidlalweni yokuhlunga futhi kumele sibukele emdlalweni weLibya kwesingakwenza. Ngemuva komdlalo weLibya umqeqeshi (uStuart Baxter) wasitshela ukuthi awukho umbandela abekelwe wona (kwi-Afcon) kodwa kukithina ukuthi sizicabele indlela yethu. Uma ngibheka isipiliyoni esikhona nethalente, asizele ukuzofunda lapha.

Sekuyisikhathi sokuthi sidlule esigabeni samaqoqo bese sibona kusuka lapho,” kusho uHlatswayo.

Abadlali beBafana bafike bonke ekhempini izolo ngaphandle kukaJoel Untersee weFC Zurich noNikola Taveres weCrystal Palace. UBaxter uthe kube nezinkinga ekutholeni amaphepha okubaletha kuleli.

UKeagan Dolly yena uzohlolwa ngodokotela emuva kokulimala ekhempini yeCosafa.