UKUKLONYELISWA ngegoli elivelele enyangeni ka-Agasti kushiye umgadli weLamontville Golden Arrows, uKnox Mutizwa, elangazelela inqubekela phambili ngokuphindiwe.
Okokuqala wukuthi lo mklomelo umakhele ugazi eqenjini lesizwe laseZimbabwe elizokwenza angasali esikwatini esizodlala kwi-2019 Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalelwa eCameroon ngonyaka ozayo.
Okwesibili okufiswa nguMutizwa wukuthi uMdali asale aseyibheka i-Arrows ingene emlandweni ngokudla iPSL Goal of the Season kabili kulandelana.
“Igoli elidla ubhedu lingashaywa yinoma ngubani enkundleni kodwa uma ukwenzile lokhu ungumgadli unyukelwa wukuzethemba kakhulu,” kusho uMutizwa, oklonyeliswe nge-scissor kick eyibuyoninco ayibasele enethini ngomdlalo wokuqala wesizini ka-2018/2019.
Kulo mdlalo ezikaMutizwa zehlule iMaritzburg United ngo 2-0 emdlalweni owawuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
%%%twitter https://twitter.com/goldenarrowsfc1?ref_src=twsrc%5Etfw">@goldenarrowsfc1striker, Knox Mutizwa for winning the #AbsaPrem Goal of the Month award (August 2018) as voted for by you on https://t.co/PzR59r1S72
Here is a recap of the beauty which he scored in the opening round of the season.🔥🔥🔥🔥🔥🔥 pic.twitter.com/Z8r3C82twS
— Official PSL (@OfficialPSL)
“Yingakho nje ngizithola liqina ithemba lokuthi lizongakhela ugazi ekuqokelweni. Ngibonga uMdali ngalo (igoli), namanje kade ngibiziwe esikwatini sokuhlungela i-Afcon. Ngibanga nabagadli abaphambili esikwatini,” kusho uMutizwa.
Lo mgadli, ubanga ijezi noKnowledge Musona, Khama Billiat no-Evans Rusike eqenjini lesizwe.
Phezu kwabo kusekhona uTendai Ndoro, okulindelwe abuyele egiyeni eliyingozi phambi kwamapali uma eseyidlulisile indaba yeNdorogate evele ngokuba edlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa eziqhatha neFifa.
Kwelokuthi i-Arrows iphinde umklomelo wegoli elivelele ngesizini, uMutizwa uyithathela ekutheni lo mklomelo uhambe nozakwabo kuBafana Bes’thende uSiphelele Magubane ngesizini edlule.
“UMagubane sijabule kabi enqoba umklomelo wegoli elivelele enyangeni. Bensingazi ukuthi yilo elizogcina livelele isizini yonke.
Cabanga nje uma kungase kube ngelami kule sizini, i-Arrows ingashintsha umlando ngokuwudla amasizini elandelana lo mklomelo. Yinto engavamile neze leyo,” kusho uMutizwa ongakwazanga ukuyothatha umklomelo wakhe,
Namuhla uMutizwa uzobe ebhekiwe ukuthi asize ezakhe ziwathathe wonke amaphuzu uma sezidlala neBaroka FC abazodlala nayo ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngo-3.30 ntambama.