AKAFUNI ukufaka ingcindezi kubadlali bakhe ngokuthi kufanele baqhubeke nokuwina imidlalo umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ongayiqalanga ngendlela ebilindelekile isizini ka-2017/2018.
I-Pirates iwine okokuqala e-Orlando Stadium kule sizini ngesikhathi ihlula iSuperSport United ngo 3-1 emdlalweni weligi ngoMgqibelo ebusuku. Amagoli eZimnyama ashaywe nguVincent Pule, Ben Motshwari noThembinkosi Lorch. EleSuperSport libekwe enethini nguBongani Khumalo. Bekungokwesibili kulandelana iPirates ithola amaphuzu agcwele ngemuva kokuthi iwaqoqe kwiBlack Leopards ekuhambeni, okwenzeke ngaphambi kwekhefu leFifa. Nakuba abalandeli bePirates befisa ukuthi iqembu labo liqhubeke nokuqoqa amaphuzu okuzobasondeza ekutheni leli qembu liwine isicoco seligi kodwa uMicho uthe kufanele balungise amaphutha abawenzile kunokutshela abadlali ngendaba yokuwina futhi bazithobe.
“Kubalulekile impela ukuthi siqhubeke nomgqigqo wethu, siwine imidlalo kodwa ngeke sifake ingcindezi kubadlali ukuthi kwenzeke lokho. Siyawahlonipha amaqembu esisazodlala nawo. Njengoba siqeda lo mdlalo siyolungisa amaphutha. Asikho isidingo sokuzithwala ngoba siyazi ukuthi ibhola lingasishintshela,” kusho uSredojevic.
“Sisebenzise amasonto amabili ekhefu ukulungiselela lo mdlalo nakuba abanye abadlali bebengekho ngenxa yamaqembu esizwe kodwa abasalile sisebenze kanzima nabo. Sikwazile ukulungisa izinto ebezisihlupha emidlalweni eyisithupha edlule. Besigcina ngokuyibhala incwadi kodwa singayisayini. Namuhla sikwazile ukuyibhala, sayisayina, safaka isitembu. Okusho ukuthi sihlasele kahle, samaka kahle, sashaya namagoli. Bekuwumdlalo onzima ngoba bayasazi nathi futhi siyabazi. Kodwa ngijabule ukuthi siwinile okokuqala e-Orlando kule sizini.”
Umqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo, uyivumile induku wathi iPirates ibingcono kunabo.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, uMicho uthembise abalandeli bePirates lukhulu, wathi abalindele idina elehla esiphundu. Indlela edlale ngayo iPirates iyakhombisa ukuthi lesi sidlo sesizophakwa. NgoLwesithathu uMicho uzophinda abhekane nesinye isivivinyo kwiCape Town City abazogadulisana nayo e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku. ICity iphuma esibhaxwini sika 4-1 esithole kwiKaizer Chiefs ngoMgqibelo.
“Ngiyamhlonipha kakhulu uBenni McCarthy. Uhlule iSundowns ukuze afinyelele kowamanqamu weMTN 8. ICity iyiqembu eliqinile elifuna ukwenza kahle ngaphambi kokudlala owamanqamu. Bazofuna ukusebenzisa yonke imidlalo abazoyidlala ukunyusa ukuzethemba ngaphambi kowamanqamu. Sizowulungiselela kahle lo mdlalo,” kusho uSredojevic.