‘IBHOLA lizobulala abantu abaningi kule mpelasonto. Ukufa kwangempela. Bazophela abantu, kukhona abazolala bengadlile,” la mazwi ashiwo yisilomo somqeqeshi, uKgoloko Thobejane, obenikeza umhlahlo wakhe ngemidlalo yokusonga isizini ka-2018/2019 ye-Absa Premiership.
Yonke imidlalo eyisishiyagalombili iqala ngo-3 ezinkundleni ezahlukene kanti izodlala ngaphansi kwefu elimnyama kwazise iMamelodi Sundowns esesicongweni ibambene ngezihluthu
nePremier Soccer League ifuna iphucwe amaphuzu ngokudlalisa uWayne Arendse kungafanele ibhekene neBidvest Wits
ngo-Okthoba.
UDominic Chimhavi weSafa utshele Isolezwe ngoMgqibelo kuzodlalwa udaba lungaxazululiwe ngoba lufike kubo isikhathi sesisincane.
URonnie Schloss wePSL uthe imidlalo izoqhubeka ngendlela okuhlelwe ngayo, banikwe labo abawinile. Uthe akakwazi ukuphawula ngecala elingekho ezandleni zakhe.
Yize iphephandaba lihoshe ukuthi iPolokwane City iya kwi-Orlando Pirates e-Orlando Stadium nesikwati esintekenteke, uThobejane, ozakhele udumo esacija iBaroka FC kwiPremiership, ufa neSundowns edlala neFree State Stars eGoble Park.
“Esicongweni, iSundowns angiyiboni ixhilwa yiFree State Stars kanti iPirates ngakolunye uhlangothi inomdlalo onzima kakhulu kwiPolokwane City. Empeleni ngiyibona iPirates ibhekene nomdlalo ofanayo kwiCity nalowo ewuthole kwiCape Town City ngesonto eledlule.
“Yiqembu eliya phambili iCity kangangoba uyazi ukuthi emdlalweni wabo bazoyithinta inethi yakho. Umbuzo ukuthi wena uzimisele kangakanani ukufika kweyabo. Uma udlala neCity nidlala umaphekana kuze kuyovalwa.”
Emsileni lapho uThobejane anamva aphathekayo okuyibamba khona kwazise ubuyise iBaroka emidlalweni yokuhlunga ngo-2017, uthe umdlalo wesonto uphakathi kweqembu lakhe elidala neMaritzburg United eya e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane ibambe amabhuleki kwi-log.
“Hhaaa! Lowo, ngumdlalo wamanqamu lowo. Asenhlanhleni la maqembu ngokudlala womabili ekubeni evika. Womabili ayazi ukuthi ozohlulwa lapho uyaminza. Yebo iBaroka izosinda uma bedlala ngokulingana kodwa akukho ukudlalela iphuzu ngoba kungenzeka izithole isemidlalweni yokuhlunga uma yenza njalo.
“IMaritzburg isenhlanhleni ngoba iyazi ukuthi ukuvika ukuya ngqo ehlathini, kufanele izishayela iBaroka. Isingamincela nje ukuthi kuwabhedele la maqembu angenhla kwayo kube yiwo aya kweyokuhlunga,” kusho uThobejane.
IBaroka baqhelelene ngamaphuzu amabili. Uma iMaritzburg ithatha amathathu izonyukela kwangu-29 nokusho ukushovela iBaroka ezansi.
Amanye amaqembu avika izembe - iChippa United, Free State neBlack Leopards - anamphuzu angu-27 ngokwehlukana.