KUKHONYE abanensila yePremier Soccer League (PSL) ekuhlohlweni kwamagoli emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba se-Egypt, esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezine.
Esehlangene angu-24 amazwe azodudulana kwi-Afcon yokuqala enezinguquko ezinqala kwazise izobe iqala ukudlalwa maphakathi nonyaka. Inamaqembu angu-24 hhayi angu-16 njengoba bekunjalo ingakashaywa imithetho emisha.
Njengoba uPercy Tau ebe yiqhawe leBafana Bafana inqoba ngo 2-1 eSfax lapho ibibhekene khona neLibya, ayavela namagama abadlali abaziwayo kwiPSL kwabadle umhlanganiso ekuhlohlweni kwamagoli emidlalweni yokuhlunga.
Lo mqhudelwano use-Egypt nje, kufanele ngabe udlalwa eCameroon kodwa ngenxa yezimpi zombangazwe wafudukela e-Egypt.
UTau, obedlalela iMamelodi Sundowns kwiPSL, ugcine eshayele izwe lakhe amagoli amane kwangu-11 iBafana ewashayile eze yazibekisela indawo. Ngalesi sibalo uTau ubambane noMohamed Salah weLiverpool edlala kwi-English Premiership. Ubedlalela i-Egypt kweyokuhlunga.
Owagqama kakhulu kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uKnowledge Musona ushayele izwe lakhe iZimbabwe amagoli amahlanu kweyokuhlunga. Uyena othathe indawo yesibili njengoba uTau egcine esendaweni yesithathu. UMusona ufinyelele emagolini amahlanu ngokushayela izwe lakhe elinye lamagoli elinqobe ngawo ngo 2-0 kwiCongo-Brazzaville.
UFiston Adbul Razak waseBurundi, oke wadlala kwiSundowns uyena ogcine edle umhlanganiso ngokushaya amagoli ayisithupha kule midlalo yokuhlunga. Ubambane no-Odion Ighalo weNigeria oke wadlala nakwi-English Premiership.
Ngaphandle kokushaywa kwala magoli, kuyacaca lapha ukuthi iPSL izinga layo liphezulu uma uqhathanisa namanye amaligi akhona e-Afrika ngoba akungatshazwa ukuthi iyona ezobe inabadlali abaningi kwi-Afcon. Lokhu kuzofakazelwa iZimbabwe ezibekisele indawo ngabadlali abagijima eNingizimu Afrika cishe bonke.
Kulo mqhudelwano ozoqala ngoJuni 21 uze uphele ngoJulayi 19, zizoqhathwa eCairo, e-Egypt ngo-Ephreli 12.
Esewonke amazwe azibekisele indawo kwi-Afcon ami kanje: Senegal, Madagascar, Morocco, Cameroon, Mali, Burundi, Algeria, Benin, Nigeria, Ghana, Kenya, Guinea, Ivory Coast, Angola, Mauritania, Tunisia, Egypt, Guinea Bissau, Namibia, Uganda, Tanzania, South Africa, Democratic Republic of Congo (DRC) neZimbabwe.