USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza umemezele ukuthi umdlalo wamanqamu weNedbank Cup uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi 18.
Uphinde waveza ukuthi umcimbi wokuklomelisa abadlali abenze kahle kule sizini uzobanjelwa eDurban International Convention Centre (ICC) ngoMeyi 19 nokuyoba usuku lokuyisonga ngokusemthethweni isizini. ITheku lithola ithuba lokusingatha umdlalo wamanqamu nje, ngasekuqaleni kwesizini, kade libusiswe ngowamanqamu weMTN8 obukade uphakathi kweSuperSport United neCape Town City. Abalandeli bakwezinye izifundazwe kubakhalise kakhulu ukudlalwa kweyamanqamu iphindilela eThekwini. Nakulokhu kulindeleke ezinye izikhalo.
“Isigungu esiphezulu sibe nenkulumo mpikiswano enkulu ngenkundla okuzodlalwa kuyona umdlalo wamanqamu weNedbank Cup. Ngokwesivumelwano sePSL neNedbank, kufanele simemezele inkundla uma kwethulwa ngokusemthethweni umqhudelwano noma ngaphambi kwama-quarterfinal. Nathi siyalalela ukuthi bafuna senzeni ukuthuthukisa umkhankaso wabo kulowo nyaka. Ezinye zezinto ezisibambezele bekuwukuthola inkundla ezohambisana nezinhlelo zabaxhasi. Kodwa futhi ibhola silibeka phambili. Ngakho bekufanele sibazwele ngoba ngaphandle kwemali yabaxhasi alikho ibhola. Inkundla ebikade ifunwa abaxhasi yiBloemfontein ( Dr Malamela Stadium). Ngebhadi ngenxa yezingqinamba ezingaphezu kwamandla ethu sihlulekile ukuyithola. Ukuya eMabhida kuholele ekutheni nomcimbi wokuklomelisa abadlali siwuse khona eThekwini ukuze amaqembu angazitholi sekufanele abheke kwesinye isifundazwe emuva kowamanqamu,” kusho uKhoza.
UKhoza uveze ukuthi kulokhu imiklomelo izoncipha ngenxa yokuthi bazama ukunciphisa isikhathi somcimbi, esinye basinike abaxhasi.