IMARITZBURG United ichithe i-Orlando Pirates ngomgadli wayo osanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.
NgoLwesibili iTeam of Choice isebenzise umbandela ebinawo wokwelula inkontileka kaRusike ngeminyaka emibili. URusike uke waba sematheni ekuqaleni kwesizini ngemuva kokushaya into ecokeme esiza iTeam of Choice ivika izembe ku-Absa Premiership.
Phakathi kwamaqembu abekhonjwa kuwona bekukhona iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns. Nokho uFarook Kadodia uthe yiPirates ebimfuna hhayi amanye amaqembu. “IPirates yilona kuphela iqembu eliphumele obala lathumela isicelo sokusayinisa uRusike. Ngiyitshelile ukuthi okwamanje angizimisele ukumdayisa futhi yakuqonda lokho. Amanye amaqembu awakaze asho lutho. IChiefs ayikhulumi nathi kodwa sengathi ikhuluma nekhuluma nabo emakhoneni. Nabalandeli bayo-ke yibona abayizikhulu baphinde babe yizintatheli ngoba yibona abafuna uRusike.”
IPirates igcine isayinise u-Ayanda Nkosi obegijima kuFree State Stars noThabiso Kutumela obeyibamba kuBaroka FC . Bobabili laba bagadli balizwa ngendaba ijezi kweZimnyama njengoba kugiya uThamsanqa Gabuza phambili. Ngaphambi kokuthi kugiye uGabuza bekudlala kuTendai Ndoro ongumkhaya kaRusike.
NgoJanuwari uRusike ubeyibambe kuCAF Total Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon neqembu lesizwe laseZimbabwe.
“Seneme ngokusebenzisa umbandela ebesinawo wokwelula inkontileka kaRusike. Ungomunye wabadlali abamqoka eqenjini. Okumnandi manje wukuthi ngeke sisalokhu sizikhathaza ngendaba yekusasa lakhe. Umfana weneme eqenjini futhi sibheke ukuthi aqhubeke nokutholela iqembu amagoli amqoka emidlalweni ezayo,” kusho uKadodia.
Izinto aziyihambeli kahle iTeam of Choice selokhu kufike kuRoger de Sa ongumqeqeshi omusha. Isishaywe yiLamontville Golden Arrows kabili kanti kowokugcina iyikhiphe kuNedbank Cup
“Kasikhathazekile ngesimo seqembu. Abadlali basazama ukubamba isitayela somqeqeshi. Kumele simnike isikhathi esanele sokuthi ajwayelane nabadlali. Asingabazi emidlalweni ezayo imiphumela izoqhamuka,” kusho uKadodia.
IMaritzburg izobhekana neHighlands Park emdlalweni we-Absa Premiership eMakhulong Stadium, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.