KUPHUKE umdlali omqoka weBafana Bafana, uKeagan Dolly, edlalela iqembu lakhe laseFrance iMontpellier ngoMgqibelo koweligi ebhekene neStrasbourg.
UDolly ulimala kanjena nje embaleni akuphele sikhathi esingakanani kuthinteke uBongani Zungu naye odlala kule ligi.
Emdlalweni okulimale kuwona uDolly, ophuke fahla umbala, bekukhona noLebohang Mothiba ongezanga ekhempini yeBafana emasontweni amabili edlule ngoba kuthiwa ulimele kabi. Nakuba engawuqalanga umdlalo, lo mgadli uStuart Baxter ayethembisa ukuyibika kwiFifa indaba yakhe kodwa uyena oshaye igoli lokulinganisa. Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 wegoli likaMothiba obekungelokuqala kwiStrasbourg.
Ulokhu eqhubeke njalo eChina nokuwaqhulula uDino Ndlovu oshaye elika-15 kule sizini esiza iZhejiang Greentown ibambana ngo 2-2 neBeijing BC. Kusukela uNdlovu efikile eChina akenzi okunye ngaphandle kokuqabulisa ibhola inethi kuleli qembu elidlala esigabeni esingezansi kwesikhulu kuleliya lizwe.
Uwudlale wonke eNetherlands uThulani Serero ezakhe iVitesse zinqoba ngo 2-0 kwiPEC Zwolle ngeSonto. Kuyona le ligi owayedlalela iBafana, uLars Veldwijk, ushaye igoli lakhe lesibili kule sizini esiza iSparta Rotterdam inqoba ngo 2-0 kwiBosch ngaphansi kweDutch Eredivisie.
Uwuqale okokuqala eTurkey umdlalo uSiphiwe Tshabalala ngesikhathi iqembu lakhe i-Erzurumspor libambela ekhaya iSivasspor ngo 2-2. Okungazange kube mnandi lapha kodwa ukuthi uTshabalala ukhishwe ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Uyaqhubeka nokuzakhela igama eBelgium, uPercy Tau owakhe igoli okokuqala kusukela efikile kwi-Union Saint-Gilloise benqoba kwiRoeselare esigabeni esiphakela esikhulu. Ubengekho nakulokhu uMay Mahlangu eqenjini lakhe elisha laseRomania iLudogorets.
Kusukela ebuyile kwiBafana uKamohelo Mokotjo ubengakaze alithole ijezi njengoba kuphinde kwenzeka engadlaliswa yize inqobile ngo 2-0 iBrentford kwiWigan Athletic emdlalweni we-English Championship.