ZAKHELE XABA
ISIQONGQWANE seMaritzburg United, uClayton Daniels, sibona igcagcele esokeni ngokuqhathwa neqembu elidlala esigabeni seDStv Premiership emqhudelwaneni iNedbank Cup.
ITeam of Choice izogadulisana neSuperSport United kwi-last 32 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngenyanga ezayo. Imidlalo imisiwe eNingizimu Afrika ngenxa yomqhudelwabo i-Africa Cup of Nations eqhubekayo eCameroon. Ukuba yingozi kwamaqembu asezigabeni eziphansi kwiNedbank sekugcine kuwasokolisa agijima kwiDStv Premiership.
Vele lo mqhudelwano uyaziwa umlando wawo wokuthi amaqembu amakhulu avamise ukuthwala kanzima uma ebhekene nadlala esigabeni esingezansi.
Kunomlando ongacisheki kubantu lapho iBaroka yayibhuqabhuqa amaqembu ePSL isadlala kwi-ABC Motsepe League kuwona lo mqhudelwano
UDaniels, owayeseqenjini leSuperSport eligcine ukuwina iNedbank Cup ngo-2018, uthe igcagcele esokeni ngokutomula kwabo Amatsatsantsa.
"Uma ubheka ohlangothini lobuhle, sitomule kahle ngoba siyayazi iSuperSport. Iyiqembu elidlala kwiPremiership, siyabazi abadlali bayo. Akufani neqembu esingalazi ebesingagcina sithatha izinto kancane uma sidlala nalo. Akukho lokho (njengoba sitomule iSuperSport).
“Iyiqembu esilaziyo futhi iyiqembu elidumile emidlalweni yezindebe. Ngakho uma singathatha konke lokho okuhle siye nakho enkundleni... (kungalunga). Ukwazi kahle iqembu esizobhekana nalo kuphinde kube ngamalungiselelo ezinto okumele zilandelwe, kuyasiza" kusho uDaniels.
ITeam of Choice inengcindezi yokwenza kangcono kwiPremiership kulo nyaka kwazise izinto ziyibhimbele esigabeni sokuqala sesizini ka-2021/2022. Ukushaya udaka kwaleli qembu kucishe kwaxoshisa umqeqeshi u-Ernst Middendorp okuvela ukuthi unqunyelwe ugwayi katiki ngabaphathi. Umdlalo weNedbank ungase ucacise okuningi ngokufanele kulindelwe kwiMaritzburg ngokuqhubeka kwesizini.
"Wunyaka omusha. Kithina wumfutho omusha. Sonke eqenjini siyalwa, sonke sisebenza kanzima ejimini. Uma singathatha lo mdlandla siye nawo kulo mdlalo weSuperSport, sizozinika ithuba lokudlulela emzuliswaneni olandelayo. Okuhle kakhulu wukuthi sizodlalela ekhaya," kusho uDaniels.