KULOKOZA inhlansi yethemba kwiBloemfontein Celtic kuthiwa ngasekuqaleni kwesizini ezayo ingase ithole abaxhasi abasha abazoyisiza kwezemali.
Akufihlwa ukuthi iSiwelele sidonsa kanzima kwezemali, kangangoba sekuke kwaba nezikhathi lapho abadlali nezisebenzi zeqembu bengaholi kwasabalala nasemithonjeni yabezindaba.
Ngokusho kuka-Abram “Waya” Nteo, oqeqesha iqembu leCeltic elidlala kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC), nakwiMultiChoice Diski Shield (MDS), usihlalo weqembu uMax Tshabalala ube nomhlangano nabo, wabazisa ukuthi kunoxhaso iqembu elingase liluthole ngesizini ezayo.
“Isimo seqembu sisabalele kwabezindaba, akuyona into efihlwayo. Impela sidonsa kanzima. Bekunezinkulumo zokuthi lingase lithengiswe neqembu kodwa lokho kubukeka sengathi ngeke kusenzeka. Ngesizini ezayo silindele ukuthi sithole uxhaso oluzolekelela iqembu mhlawumbe ligcine lingadayiswanga. Iqiniso wukuthi asifuni ukulahlekelwa yilaba badlali esinabo kodwa uma imali ingekho azobathatha amanye amaqembu. Lokho kungasiphatha kabi singabaqeqeshi,” usho kanje uNteo eseHammardale lapho bekudlala khona imidlalo yeMultiChoice Diski Shield.
Eqhubeka echaza uNteo uthe abaxhasi akhuluma ngabo bazoqala kahle ngesizini ezayo ngenxa yokuthi iqembu elikhulu selisalelwe yimidlalo emine ngaphambi kokugoqwa kwesizini.
“Usihlalo weqembu usitshelile ukuthi sekusele izinto ezimbalwa ezingxoxweni zabo nabaxhasi bethu abasha. Yingakho nginethemba lokuthi konke kuzolunga. Usihlalo usitshele ukuthi konke kuzoqala kahle ngesizini ezayo, ngakho sihlalele ethembeni,” kusho uNteo.
ICeltic edlala kwiMDC inqobe isicoco seMDC yavakashela e-United Kingdom (UK), izinsuku eziyisishiyagalolunye. UNteo uthe lukhulu abalufundile e-UK bengabaqeqeshi, nathe nabo bazozama okufanayo kwiCeltic.
“Sifunde lukhulu kuleliya lizwe singabaqeqeshi. Phakathi kwezinto esizifundile wukuthi abadlali kufanele sibakhe beneminyaka eyisishiyagalolunye, ukuze bezokhulela kulona ibhola. Sifunde ukuthi iqembu ulilungiselela kanjani umdlalo, ukubamba ibhola okungenasidingo, ukuphasa ngesikhathi nokunye okuningi. Lokhu kusishiye nomsebenzi wokuthi silekelele abadlali bethu ukuze bafike eqenjini elikhulu bekulungele ukudlala khona,” kulandisa uNteo.