ICELL C Sharks iyiqale ngenothi eliphezulu isizini yayo entsha yeVodacom Super Rugby ngesikhathi inqoba ngo 45-10 kwiSunwolves ngoMgqibelo emini eSingapore.
Ngendlela iSharks enqobe ngayo izitholele iphuzu lombhanso ngoba ishaye ama-try ayisithupha .
Ukuqala ngale ndlela kwe-Sharks nokugcwala kwayo ukuzethemba isaya emdlalweni kunike ithemba abalandeli bayo.
Okwenze lokhu kwaqapheleka wukuthi bese kufana nesiko ukuthi iSharks iqale ngebatha njengoba bekulokhu kwenzeka kumasizini ambalwa edlule.
Ukuqala ngendlela enomfutho njengoba kwenzekile ngoMgqibelo kuwubufakazi bokuthi iSharks yenze kahle kule sizini ngokuqoma ukubhekana namaqembu anzima kuyona njengeVodacom Bulls ne-Emirates Lions kweyokuziqeqeshela ukuqala kwesizini entsha.
Lapha iSharks ibibukeka sengathi iwulungele lo mdlalo. Lokhu bekuphambana neSunwolves yona kwesinye isikhahti ebibuye ikuveze ukuthi izingqondo zabadlali abathile zisesemaholidini. Ngisho sekubonakala ukuthi iSharks iwuphethe umdlalo kodwa abafana bakaRobert du Preez baqhubekile nokucindezela okuyinto engaba wusizo uma sekushaywa izibalo ngokwamaphuzu.
Iyona eweqe kuqala umugqa iSunwolves kodwa kuthe kungenzeka lokho zaqala ezikaDu Preez zaqinisa isandla. Itry yokuqala yeSunwolves ishaywe uShane Gates ongowokuzalwa eNingizimu Afrika.
Iqembu laseJapan bese lihamba phambili ngo 7-3 umdlalo unemizuzu eyisikhombisa uqalile. Kuthusile kwabeSharks ukuqala kweSunwolves kodwa iqembu laseThekwini lithe lingaqala ukufudumala lase liwuthwala umdlalo. Kuke kwaba wu 10-3 ngaso isiwombe sokuqala kwaze kwathembisa eqenjini lasekhaya kodwa zaphinde zajika izinto.
Eminyakeni edlule uma iSharks ithuswa kanje ibivamise ukukwamukela lokho kodwa kwehlukile okwenzeke ngoMgqibelo ngoba abadlali bahlangane phakathi enkundleni bakhuluma bebodwa zaqala zagqashuka izibopho, kwavela ama-try asheshayo futhi amahle eqhamuko noMakazole Mapimpi noSbu Nkosi. Komunye umdlalo obuhlanganisa amaqembu akuleli iBulls inenebule iDHL Stormers ngo 40-3 emdlalweni obuphethwe yiqembu lasekhaya zisuka kwaze kwaba uyaphela. ILions engelinye lamathemba eNingizimu Afrika iqale kahle ekuhambeni inqoba ngo 25-16 kwiJaguares e-Argentina.
Isiyonke imiphumela yemidlalo yokuqala yeVodacom Super Rugby ihambe kanje:
Jaguares 16-25 Lions; Bulls 40-3 Stormers; Sunwolves 10-45 Sharks; Waratahs 19-20 Hurricanes; Blues 22-24 Crusaders.