UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer, uyamvikela umdlali wasemuva, uThulani "Tyson" Hlatshwayo, ogxekwa nxazonke ngenxa yephutha elicekele phansi leli qembu, eligcine lihlulwe yiMamelodi Sundowns ngo 3-0 koweDStv Premiership ngempelasonto.
UHlatshwayo wephucwe ibhola ezinyaweni esaliqhuba emuva, kwagcina kungene igoli elishaywe nguPeter Shalulile. Lesi senzo sidine inqwaba yabalandeli, abaze bamvusela amavundo ngamaphutha awenze kweminye imidlalo.
Emasontweni adlule, uHlatshwayo ugxekwe ngabalandeli bePirates ngegoli eliwuqethu elishaywe nguSamir Nurkovic, lagcina liwinise iKaizer Chiefs kowabakhaya baseSoweto. Iminwe iphinde yabheka kuye ngegoli likaShalulile ngesikhathi eZimnyama zixetshulwa yiSundowns ngo 4-1.
UZinnbauer uthe uHlatshwayo, ongukaputeni weBafana Bafana, ubengayedwa ephutheni elenzeke koweSundowns.
"Angithandi ukukhuluma kakhulu ngamaphutha enziwa ngabadlali bami. Kodwa engingakusho wukuthi abadlali bayaba nezikhathi ezinhle nezimbi. Ngesikhathi sikhuluma ngakho ekuqaleni kwesizini, wayekhombisa ukuba nesibindi. Ungumholi, uyalwa. Okwamanje uyabona ukuthi uneshwa nje. Kodwa udlale imidlalo eminingi engaphumuli futhi uhlala esenkundleni. Uyalwa, ukhipha konke anakho uma eziqeqesha. Uyalihola iqembu," kusho uZinnbauer.
"Akulula njengoba engumholi. Lapha sikhuluma ngomholi, ukaputeni. Akayena umuntu othi uma eseqede ukuziqeqesha athi sekuphelile, ahambe. Ukhuluma nabadlali abasebancane, uyabahola abadlali. Uyabagqugquzela, akhulume nabo ngezindlela okufanele bazihambe. Abanye abadlali abanezinkinga eqenjini, ngisho eziyimfihlo, weseka wonke umuntu."
Ngesikhathi efika kwiPirates uHlatshwayo, esuka kwiBidvest Wits, bekuyinjabulo kubalandeli beZimnyana, bethi bahlabene. Abaqeqeshi abapholisanga maseko, bamgixabeza ngebhande likakaputeni nakuba ekhona ukaputeni weqembu, uHappy Jele.
"Kodwa mhlawumbe singamnika isikhashana. Mhlawumbe uzophumula, abuyise amandla. Ungumdlali ophezulu, ungumdlali weqembu lesizwe. Lokhu kuyenzeka ebholeni emhlabeni wonke. EGermany sino (Jerome) Boateng owayengomunye wabadlali abaphezulu emhlabeni. Wahlaselwa yizinkinga ngesinye isikhathi, angakwazanga ukubhekana nazo. Lokhu kujwayelekile," kusho uZinnbauer.
"UTyson siyamethemba, siyakholelwa kuyena, siqhubeka naye sibheke phambili. Uyazazi yena. Singakhuluma naye kodwa ukwazi kahle akwenzile. Kodwa ubengeyedwa enkundleni. Mhlawumbe singaqala sikhulume ngokuthi yingani ibhola silisuse salisheshisa. Singaqala kunozinti (Wayne Sandilands), siye kuNtsiki (Ntsikelelo Nyauza) ngaphambi kokuya kuTyson. Yingani ibhola singalishayanga phambili? Iphutha yiphutha. Uma lenzekile, sangenelwa yigoli, sonke sikhuluma ngalo. Uma eshaya igoli akekho okhulumayo. Yinto okungaxoxwa ngayo. Kodwa kithina kakuyona ingxoxo, ungukaputeni wami, ungumholi.," kusho uZinnbauer.
Kusasa iPirates esendaweni yesihlanu kwi-log, izovakashelwa yiBlack Leopards esemsileni kwi-log. Umdlalo use-Orlando Stadium ngo-5 ntambama.