OMUNYE wabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ubona ukaputeni wakusasa waleli qembu ku-Erwin Saavedra, okuyinduku yabo abasanda kuyigawula kwelaseBolivia.
UMngqithi akawuvali umlomo ngekhono nokuba umholi akubona kulo mdlali yize efike kompetha beDStv Premiership ngoJanuwari.
Ngendlela obesekukhulunywe kakhulu ngaye ngaphambi kokufika kuleli uSaavedra, baphatheke kabi abalandeli beSundowns ngesikhathi elimala ngoFebhuwari kowamaqoqo weCaf Champions League bebhekene ne-Al Merrikh yaseSudan emdlalweni obuse-Egypt.
Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni isipiliyoni nobuholi bukaSaavedra buzogqama kuyona iChampions League ngoba izimo ezinzima uzijwayele.
“Sisayinise inkunzi yomdlali kuSaavedra, yilokho kuphela engingakutshela khona okwamanje. Ithalente lakhe nendlela enza ngayo izinto ikhombisa ubuholi obungajwayelekile,” kusho uMngqithi.
“Kuyaphoxa ukuthi uthinteke kabana eseqala ejwayela indlela esidlala ngayo kodwa sithole umdlali ozoba ngolukhulu usizo kithina ikakhulukazi kwiChampions League ngoba ubedlala ezingeni eliphezulu.”
Ngaphambi kokusayina kwiSundowns, uSaavedra ubewukaputeni eqenjini lakhe, iBolivia.
“Siyazi ukuthi uwuhlobo lomdlali okufanele abe senkundleni ngaso sonke isikhathi njengoba bekwenzeka eqenjini lakhe elidala ngakho-ke nathi sihlele ukwenza okufanayo. ISundowns yiqembu elidinga abaholi nxa zonke ngakho-ke naye simbhekile ezikhundleni ngesikhathi esizayo,” kuqhuba uMngqithi.
“Eqenjini lakhe elidala ubewukaputeni isikhathi eside ngakho-ke simlande ngokwazi ukuthi sandisa abaholi esikwatini sethu.
“Inomlando vele iSundowns wokulanda abadlali abafike babe abaholi ngakho-ke sijabule ukuthi siyaliqhuba leli siko lokuqinisa iqembu ngabadlali abafika nokuthile okusenza sibe ngcono,” kusonga lo mqeqeshi.
Ngemuva kwekhefu lemidlalo yeFifa, iSundowns eqhwakele eqoqweni layo kwiChampionship League, izovala lesi sigaba ne-Al Merrikh ababedlala nayo kulimala uSaavedra.
Lo mdlalo usenkundleni esazomenyezelwa ngo-Aphreli 1.