ZAKHELE XABA
UKUPHUCWA iqatha emlonyeni kwenza kungavumi kumgadli we-Ajax Cape Town, u-Abednigo Mosiatlhaga, ukuthi abhiyozele ukuhlabana kwakhe.
I-Ajax ihluleke ekugcineni ukuwina isicoco seligi kwiGladAfrica Championship, idlulwa yiSwallows ngamagoli ngosuku lokugcina emuva kokuhlala esicongweni isikhathi eside. Umgadli wayo uMosiatlhaga uzothola umklomelo weTop Goal Scorer emuva kokuqeda isizini eshaye amagoli awu-17. Nakuba eyiqhawe kwi-Ajax kodwa uthe injabulo ayiphelele ngenxa yokuthi bahlukile ukunyukela kwi-Absa Premiership.
“Kimina kuhle ukuthola umklomelo wamagoli. Uyohlale uyinto enkulu impilo yami yonke ikakhulukazi ngoba ngishaye amagoli kwiligi lapho kunzima khona ukuwashaya. Kodwa angikwazi ukujabula ngokuphelele ngoba sihlulekile ukuzuza ebesikade sikufuna. Kubuhlungu kimina ngoba lapha kwi-Ajax ngilethelwe ukuzosiza siwine iligi, “kusho uMosiatlhaga osefunwa amaqembu akwiPremiership.
“Bekunzima ukukwamukela ukuthi asingenanga kwiPremiership. Senze amaphutha amaningi agcine esicekela phansi kodwa besinalo ithemba lokuthi emdlalweni wokugcina sizoshaya amagoli angaphezu kwaweSwallows.”
I-Ajax ithole ithuba lesibili lokusebenzela ukunyukela kwiPremiership ngokudlala kweyokuhlunga. Izodlala neBlack Leopards eqede endaweni ka-15 kwiPremiership neTshakuma Tsha Madzivhandila eqede endaweni yesithathu kwiGladAfrica Championship. I-Urban Warriors ivule le midlalo ngokuthola amaphuzu amathathu ihlula iTshakuma ngo 3-2 ngeSonto. Isihlezi esicongweni se-log. Namuhla ngo-3 ntambama izobhekana neLeopards eFNB Stadium, eNasrec.
“Kade kubalulekile ukuwina umdlalo wokuqala ukuze sinyuse ukuzethemba eqenjini. Sizodlala umdlalo wesibili wonke umuntu enomdlandla. Sizoya sinethemba lokuthola umphumela esiwudingayo.”
“ILeopards iyiqembu lePremiership futhi ayiqali ukudlala kweyokuhlunga ngakho iyazi ukuthi idlalwa kanjani. Kuzoba wumdlalo onzima kodwa sinalo ithemba lokuthi sizowathola amaphuzu.”