USEJOYINE ompetha bokugcina be-Absa Premiership, iMamelodi Sundowns, uSteve “Mphathi” Komphela kulandela ukusula njengomqeqeshi weGolden Arrows.
UKomphela uzojoyina iSundowns njengomsizi wabaqeqeshi abazovala isikhala esishiywe wuPitso Mosimane, uManqoba Mngqithi noRulani Mokwena. Laba baqeqeshi bebengabasizi baPitso osejoyine iqembu elikhu lase-Egypt i-Al Ahly.
UKomphela akabanga nesizini enhle ne-Arrows njengoba kuphele isizini ihleli endaweni yesi-12 etafuleni. Uke waqeqesha iKaizer Chiefs kumasizini edlule kodwa wakhonjwa indlela ngemuva kokuhluleka ukunqoba izicoco. UKomphela ujoyina leli qembu nje, iSundowns izobhekana neChiefs emdlalweni wokuqala weDSTV Premiership ngo-24 Okthoba ngo-3.30 ntamabama.
Evalelisa kwi-Arrows uKomphela ubonge usihlalo waleli qembu ngokumeseka.
“Ngifisa ukubonga usihlalo weLamontville Golden Arrows, uMato Madlala, nalo iqembu uqobo ngokungeseka nokungigquqguzela ngesikhathi ngisawumqeqeshi walo. UMato ne-Arrows bangikhulisile ebholeni futhi ngiyohlezi ngikubonga lokho. Ngithole ithuba eliyingqayizivele lokujoyina iMamelodi Sundowns njengomqeqeshi ngisebenzisana noManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena. Sengikulindele ngabomvu ukuqala lo msebenzi futhi ngiyethemba ngizoba nesandla ekukhuleni kweMamelodi Sundowns eNingizimu Afrika nase-Afrika,“ kusho uKomphela esitatimendeni.