IKAIZER Chiefs isilahlekelwe yinqwaba yamaphuzu kwiDStv Premiership, ngenxa yamaphutha enziwa ngabadlali futhi angagwemeka. Lokhu sekumume emphinjeni umqeqeshi weqembu uGavin Hunt, njengoba nangempelasoto kwenzeke esifanayo iChiefs idedela amaphuzu ibhekene neSuperSport United.
Amakhosi adlale ngokulingana neSuperSport, emdlalweni ophele ngo 1-1 eFNB Stadium. Igoli leChiefs lishaywe nguReeve Frosler kwathi elokulinganisa lezivakashi kwaba yiphenathi evalelwe phakathi nguBradley Grobler.
Kwenzeka iphenathi kungenasidingo nje, ngu-Anthony Agay odonse ngejezi uThamsanqa Gabuza. Sekuwumlando ukuthi iphutha lika-Agay lishwebise iChiefs ngamaphuzu agcwele.
Emasontweni edlule bekubatshazwa amaphutha ka-Itumeleng Khune ongunozinti weziMpofana, abewenza ephindelela. UHunt uthe ujabule ngendlela abazinikele ngayo bedlala neSuperSport kodwa wakhala ngamaphutha asalokhu eqhubeke njalo nokulandela ezakhe.
"Sidlale kahle kakhulu neSuperSport, ngicabanga ukuthi bekufanele siwunqobe umdlalo. Kodwa siphinde senza iphutha elingenasidingo eliwubudedengu, sidonsa ngejezi umdlali weSuperSport, bathola iphenathi. Bekufanele sinqobe umdlalo ngamagoli amaningi kabi. Kodwa sekuyinto esasilandele ukuthi sakhe amathuba kodwa singayibhakuzisi inethi," kukhalaza uHunt.
Okunye okukhathaza uHunt ishobolo lokulinyalelwa ngabadlali. UWillard Katsande uphume sekukubi kulo mdlalo, emva kokulimala ehlombe.
"Umdlalo nomdlalo silinyalelwa ngabadlali. Thina asenzi izinguquko ngoba sifuna ukushintsha umdlalo kepha senza izinguquko ngoba sizama ukuvala isikhala sokulinyalelwa ngumdlali. Kuyajabulisa indlela esizinikela ngayo, kuyasho ukuthi ngokomqondo asisasele kakhulu. Umbuzo ukuthi ngabe sinalo yini iqembu elingadlisela amanye ogageni," kusho uHunt.
UBernard Parker, ungomunye wabadlali abadala kwiChiefs abathole ukugxekwa njengoba iqembu lingenzi kahle. UHunt uthe ukuthokozele ukuzinikela kukaParker bebhekene neSuperSport.
"Ngokwami uParker bekumfanele ukuba ngumdlali ovelele sibhekene neSuperSport. Udlale kahle kakhulu nendawo angayijwayele, ukuqhamuka maphakathi nenkundla. Baningi nabanye abenze kahle kwezami, noMshini (esho uNkosingiphile Ngcobo), ushaye into ecokeme impela," usho kanje uHunt.
Umdlalo olandelayo weChiefs izowudlala neHoroya kwiCAF Champions League kusasa ngo-6 ntambama, eFNB Stadium.