UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ubona sekusele kancane ukuthi iqembu lihlangane libuyele endleleni yokudlala elaziwa ngayo, inqobo nje uma kuzoba nokubambisana kulabo abathintekayo.
UBaxter usho kanje ngemva komdlalo wangempelasonto edlule, lapho bebuye sekuvalwe amehlo babambana ngo 1-1 naMaZulu FC. Bekuwumdlalo wokugcina ngaphambi kokuthi amaqembu athole ikhefu emidlalweni yeligi, njengoba kuza imidlalo yeFifa yamaqembu amazwe.
Uma kubuywa ekhefini, iChiefs izobhekana neChippa United ngo-Okthoba 16 ekhaya. Leli qembu lisanqobe kanye emidlalweni eyisithupha yeligi, lehlulwa kabili, ladlala kathathu ngokulingana, okulibeka endaweni ka-12 kwi-log.
UBaxter ukholwa wukuthi kusasekuseni kwiligi, basangawaphendula amatafula.
“Uma sibheka izinto ngobubanzi bazo, kusasekuseni uma sibheka itebhula (log). Amaqembu aphezulu sisazodlala nawo, uma singathola amaphuzu kuwona singakwazi ukuvala igebe,” kusho uBaxter.
Uqhube wathi uma beqhubeka nokuba yimbumba eqenjini kanjalo nabalandeli babeseke, bazoba yiqembu okuzobanzima ukulehlula.
UBaxter ubuyiswe kwiChiefs ebhekwe ngabomvu ukuthi abuyise izinsuku zenjabulo ezagcina ngaye, ngenkathi linqoba indebe ngo-2015. Kusukela lapho kubanjwa kuyayekwa, kushintshwa nabaqeqeshi kodwa lutho izicoco. Ngesizini eyandulela edlule, lidedele isicoco seligi ngemidlalo yokugcina kade lihleli esicongweni isikhathi eside ngaphansi kobuholi buka-Ernst Middendorp, ogcine ngokuxoshwa.
“Ngicabanga ukuthi kumqoka kithina (ithimba labaqeqeshi, abalandeli, abasebenzi nabadlali) ukuthi sisebenzisane ekubuyiseni isikompilo eqenjini nendlela esaziwa ngayo yokudlala. Uma sibheka indlela yokudlala umdlali ngamunye, uma beya ngokuba ngcono, sizowuthola lo-10% (oshodayo). Uma siwuthola. Ngiyathembisa kuzobanzima ukusishaya,” kusho uBaxter.