UMQEQESHI weSwallows FC oyifake kwiTop 8 ngesizini yokuqala kwiDStv Premiership, uBrendon Truter, ukuqonda kahle ukuthi amahlathi okucasha ngokuthi musha, aphele ngesizini ka-2020/2021.
ISwallows ngaphansi kobuholi bukaTruter, idlale yaze yayiqeda isizini ngaphandle kokushayelwa ekhaya. Icazelane ngamaphuzu amahlandla angu-20 emidlalweni engu-30 futhi lo mqeqeshi akayiboni inkinga kulokho.
ISwallows inqobe imidlalo eyisishiyagalombili kuphela kule sizini yashaywa kwemibili nje vo. Kepha, uTruter ujabule ngakufunde ngesizini yakhe yokuqala esigabeni esikhulu. Iqede isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-44.
“Sifunde lukhulu siyithimba labaqeqeshi nangendlela nje izinto ezenziwa ngayo esigabeni esikhulu. Sifundile futhi ukuthi sinabo abadlali abasebancane esingathembela kubona kumasizini ezayo.
“Siqale njengomlilo wequbula kodwa kwafika isikhathi lapho amaqembu esesifundile khona, zaqala izinto zaba wumqansa. “Bekunzima ngendlela eyisimanga. Kunezikhathi lapho bekukuhle khona kakhulu kodwa kukhona lapho bekumuncu khona ngendlela engachazeki. Ngijabule ngakho konke okwenzekile ngoba bekudingeka ekukhuleni kwethu njengeqembu,” kuchaza uTruter.
Uthe uyakuqonda ukuthi kufanele benze kangcono kunalokhu abakwenzile kule sizini ngoba uma bengakwenzi lokho, kuyobe bahlulekile.
“Inhloso bekuwukuqeda siphezulu kunalokhu (indawo yesithupha) kodwa akwenzekanga. Kuhle uma sizibekela thina amarekhodi ngoba lokhu kuzokwenza sihlale simi manzonzwane futhi sinengcindezi yokungazithambisi kuwona (amarekhodi).
“Angingabazi ukuthi isizini yesibili izobanzima kuneyokuqala. Kuphelile manje ukuthi sibasha kwiligi ngoba wonke amaqembu aseyasazi. Kumele sibhukule, aphelile amahlathi okucasha ngokuthi sibasha. Kubi nje ngoba kunabadlali abamqoka abahambayo eqenjini njengoSifiso (Hlanti) kodwa laba abancane abasele sinethemba lokuthi baluncele ngokwanele ulwazi kuyena.
“Kungekudala kuzokwenzeka into efanayo nakubadlali abafana nokaputeni wethu uCheeseboy (Lebohang Mokoena), Vuyo (Mere) noThabo (Matlaba). Bayakhula laba baholi bethu ngakho-ke laba badlali abancane esibabeke eduze kwabo, sithandazela ukuthi baluncela lonke ulwazi abaludingayo,” kusho uTruter.
Uqhube wathi: “Kuhle ngoba iqembu linezinhlelo zokuqhubeka nokubasebenzisa ngisho ngabe abasadlali.”
Yize kunenqwaba ehambayo kodwa uTruter ufuna ukulwela isicoco maduze.
“Wonke amaqembu ayazi ukuthi uma eza kithina azolwa uma efuna ukugoduka nokuthile. Ngesizini entsha sifuna ukukukhuphula lokho. Sifuna ukubakhona embangweni,” kusonga uTruter.