OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates uJoseph “Duku Duku” Makhanya, udalula okwenza wasondelana nomufi uSenzo Meyiwa, owayengunozinti weZimnyama neqembu lesizwe iBafana Bafana.
UMakhanya uthe ufisa batholakale ababulala uMeyiwa ukuze umndeni nezwe liduduzeke, impilo iqhubeke.
UMakhanya ubevakashele Isolezwe izolo, kwazise uyinxusa lo mqhudelwano iMTN 8.
Engxogxweni naleli phephandaba,uveze ukuthi akazi ukuthi yini evimbela ukuthi kuboshwe abenzi bobubi, wathi ufisa ukuthi losongwe ngokushesha lolu daba ngoba umndeni nesizwe, abadlulile kulona.
UMeyiwa wadutshulwa evakashele kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eminyakeni eyisithupha edlule. Kuze kube manje, abakatholakali abenzi bobubi, ngaphandle kokuthi emasontweni edlule kuboshwe abasolwa abathile.
“Isimo esingesihle lesi, engifisa ukuthi ingalo yomthetho isebenze, baboshwe abenzi bobubi. Angifisi ngisho nokuyicabanga eyokuthi umndeni kaSenzo uzizwa kanjani ngokuthi kuze kube manje, abatholwa abenzi bokubi. Kwangathi impela bengatholaka impilo iqhubeke,” kusho uMakhanya.
Uveze okwenza uMeyiwa asondelane nenhliziyo yakhe.
“Ngesikhathi efika kwiPirates, wafikela kumina nabanye abadlali abaningi. Igazi lami nelakhe lavele lazwana kakhulu, sasondelana. Imoto yakhe yokuqala wayidayiselwa yimina. Kwakuyi-Velocity (VW), okwakungekankosikazi wami. Kusuka lapho sazwana unomphela. Kuyishwa ukuthi wehlelwa yilo mshophi,” kulandisa uMakhanya.
Selokhu kwashona uMeyiwa, iPirates ayikaze inqobe nesisodwa isicoco.
Zikhona nezinkulumo zokuthi hleze eZimnyama zinesinyama, esihambisana nakho ukuthi uMeyiwa wabulawa kwangaboshwa muntu.
IPirates isethubeni lokuqeda ishobolo lezicoco, uma ingashaya iBloemfontein Celtic kowamanqamu kwiMTN 8 ngoDisemba 12, enkundleni esazomenyezelwa. UMakhanya uvele wafa yinsini ebuzwa “ngesinyama” sePirates.
“Hhayi angiqondi ukuthi iPirates inesinyama. Ngiyibona isiphakamisa isicoco seMTN 8. Inabadlali abasezingeni eliphezulu uma uyiqhathanisa neCeltic.
"Ngiyazi abantu abaningi sebeyibiza nge-Orlando Wits, ngenxa yabadlali abanasepiliyoni abathengwe kwiBidvest Wits. Ngiyibona izoba yingozi kule sizini, nesicoco seligi ingasinqoba,” usho kanje uMakhanya.