AmaZulu (0) 2
Kaizer Chiefs (1) 3
IKAIZER Chiefs iqede nya ngerekhodi laMaZulu FC lokungashaywa ekhaya inqoba izolo ebusuku emdlalweni we-Absa Premiership.
Amagoli eZimpofana avalelwe phakathi uMarc Van Heerden (umkhonto ogwaze ekhaya), Bernard Parker noWillard Katsande. AwaMaZulu ashaywe u-Ovidy Karuru noVan Heerden.
Zisuka nje imizuzwana ingu-28 ibhodini, isitobha soSuthu uThapelo Nyongo senze iphutha sizama ukuphasela unozinti waso uSiyabonga Mbatha kodwa saphasa kancane umgadli weChiefs uLeornado Castro wabonga ngazo zombili wakhahlela kodwa lagoloza ukungena, ngeshwa lesitobha soSuthu uVan Heerden umkhonto wagwaza ekhaya.
Luzamile ukuyihlanganisa Usuthu, nokuthe ngomzuzu wesikhombisa u-Emiliano Tade bamdlalisa kabi endaweni eyingozi, AmaZulu athola i-free kick. UTade uthe ethi uyayibeka wakha amabhilidi.
Bekucaca bha kulo mdlalo ukuthi ziyabulala, kuyiChiefs ebicindezele kakhulu. Udonga loSuthu belukhombisa ukuba buthaka njengoba nesethenjwa uVan Heerden siphasele uCastro naye kodwa wabulawa ukwenza kancane okulahlekisele Amakhosi ngethuba lokushaya elesibili.
Ngomzuzu ka-24 Usuthu luphinde lwasinda ngokulambisa, ngemuva kokuphaselana okuhle phakathi kukaParker noHendrik Ekstein abakhiphe qekelele uLebogang Manyama oshwebile laphuma eceleni kwepali.
Iholide likaVirgil Vries ovimbela iChiefs obebukeka ezipholele emapalini liphele ngomzuzu ka-27 ngemuva komnyakazo omuhle kaBongi Ntuli okhiphe obala uTade kodwa waqhamuka esehuhuluza phansi, waxosha umhlola ekhaya.
Ibuye ngamandla iChiefs ngomzuzu ka-39, uParker ephaselana kahle no-Ekstein, onike uCastro wajika kwasani wathi ulibeka enethini, wenqaba uMbatha waliphebezela ngaphandle kwaba yikhona.
Ngesiwombe sesibili Usuthu lubuye ngamandla nokuthe ngomzuzu ka-61, uTade wakwazi ukucathama ngemuva kodonga lweChiefs wagoba ibhola elihle eliqedelwe uKaruru kwaba ukulinganisa kwaMaZulu.
Abalandeli boSuthu abajabulanga nokho isikhathi eside, ngoba ngomzuzu ka-64, uParker ukhombise amava edabula izitobha ezimbili zoSuthu uSibusiso Mabiliso noVan Heerden wadedela inguzunga, ayizwe ngendaba uMbatha ezintini zaMaZulu.
Ngomzuzu ka-79, uWillard Katsande uqede lonke ithemba lokubuya kubalandeli boSuthu evalela phakathi igoli lesithathu, ngemuva komdlalo omuhle kaParker omdlulisele ibhola ngekhanda empintshwe yizitobha zoSuthu.
Ibisiphungwa ngezithebe iChiefs, uKabelo Mahlasela ongene ngesiwombe sesibili endaweni kaManyama, ephaselana no-Ekstein ovundlise ibhola ebhokisini loSuthu kodwa lamceza uParker obezoshaya igoli lesine ukube ulificile.
Ngesikhathi esengeziwe uVan Heerden ushaye igoli lesibili loSuthu kwasho khona ukuthi isikhathi sesihambile.