UKAPUTENI weqembu lesizwe lekhilikithi, uTemba Bavuma, uzonikezwa isikhathi sokukhombisa ukuthi useluleme kangakanani ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ne-Australia.
UBavuma udonseke umsipha ethangeni emdlalweni wokugcina wamaqoqo ne-Afghanistan ngoLwesihlanu. Akukacaci ukuthi uzobe esekulungele yini ukudlala uma sebetholene phezulu ne-Australia e-Eden Gardens, eKolkata, namhlanje ngo-10.30 ekuseni.
Umqeqeshi wamaProteas, uRob Walter, uthe uke wagijima kancane enkundleni waphinde washaya amabhola enethini. Uzoqhubeka nokuzilolonga aphinde ahlolwe ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo esingujuqu.
“NgoMsombuluko kuhambe kahle. Ukwazile ukuziqeqesha nokwenza ezinye izinto ezahlukene. Sizophinde simbhekisise ngokuhamba kwesikhathi njengoba kuyinqubo,” kusho uWalter.
“Bekuyisinyathelo sokuqala. Akazange angijime ngesivinini esikhulu noma ajahe amabhola enkundleni. Akazange futhi agijime phakathi kwamawikhethi. Kusamele sizenze lezo zinto sibone ukuthi wenza kanjani uma kudingeka isivinini.
“Ngiyethemba ukuthi isinqumo singasithatha ngaphambi kosuku lomdlalo. Sifisa kungadingeki silinde isikhathi eside kangako. Okumqoka wukuthi ngifuna ukumnika lonke ithuba lokulungela ukudlalela izwe lakhe. Sizobona ukuthi kuzokwenzekani futhi uma sekufanele kuthathwe isinqumo, sizosithatha.”
Kuze kube manje kule Ndebe yoMhlaba uBavuma usahlulekile ukushaya ama-run amaningi emdlalweni owodwa. Isibalo esiphezulu asasishayile ngama-run angu-35 awathola bebhekene ne-Australia kowamaqoqo eLucknow ngo-Okthoba 12 lapho amaProteas anqoba ngama-run angu-134.
Kweminye imidlalo uthole ayisishiyagalombili bebhekene ne-Sri Lanka, angu-16 koweNetherlands, angu-28 kowePakistan, angu-24 bedlala neNew Zealand, angu-11 kowe-India nangu-23 bebhekene ne-Afghanistan.
Lokhu kuholele ekutheni abanye abalandeli nabahlaziyi baphakamise ukuthi akakhishwe eqenjini indawo yakhe ithathwe wuReeza Hendricks oshaye ama-run angu-85 bedlala ne-England nangu-12 bedlala neBangladesh ngesikhathi uBavuma engekho ngenxa yokugula.
“Asikaze sikhulume ngokukhipha uTemba eqenjini ngoba ubengomunye wabadlali bethu ababhethe kahle kulo nyaka. Akakawashayi ama-run awafunayo eNdebeni yoMhlaba kodwa njalo uma eziqeqesha noma edlala kubukeka sekuseduze,” uWalter uchaze kanje.
Mayelana nemvula okungenzeka iphazamise umdlalo wabo ne-Australia, lo mqeqeshi uthe ukholwa wukuthi abadlali bazokwazi ukuthi yini elindeleke kubona uma kwenzeka kuncishiswa ama-over noma uma kushintshwa isibalo sama-run okumele bawashaye.
Ngo-2003 amaProteas akhishwa eNdebeni yoMhlaba ngesikhathi engawabalanga kahle ama-run ayewadinga ukuwashaya ukuze anqobe umdlalo.
“Ngenhlanhla kulezi zinsuku isibalo sama-run esidingekayo siphanyekwa ebhodini enkundleni futhi sisuke sibhalwe ngezinhlamvu ezinkulu ngakho-ke kunzima ukwenza iphutha,” kusho uWalter.