UKAMOHELO Mokotjo, okukhulunywe kakhulu ngobuzwe bakhe ngaphambi kokuthi iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika linqobe ngo 3-1 kuGuinea-Bissau kowobungani, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, akanakho nokuncane ukuzisola ngokuthatha ubuzwe baseNetherlands obucishe bamkhipha ngaphandle kuBafana Bafana.
UMokotjo, odlalela iFC Twente yaseNetherlands, ubuya kuBafana emuva kokuzidingisa ngoba kunokungezwani phakahti kwakhe nobengumqeqeshi weqembu u-Ephraim “Shakes” Mashaba. Ngaphandle kokuzidingisa usanda kuthatha ubuzwe baseNetherlands ngenxa yeminyaka aseyihlale khona.
Leso sinqumo sicishe saliqeda ikusasa lakhe kuBafana kodwa ukusebenzisana phakathi kweSouth African Football Association (Safa), uhulumeni waseNingizimu Afrika nowaseNetherlands, kukugwemile lokho. Uthe akazisoli ngokwenza lokhu ngoba isimo besimphoqa.
“Kwesinye isikhathi indoda kumele izicabangele yona nomndeni wayo. Konke engikwenzile bengibuswa wukucabangela umndeni wami. Ukuba ngumuntu waseNetherlands kuzongisiza ukuthi ngithole amadlelo aluhlaza kalula kunokuba umuntu waseNingizimu Afrika. Ngiwumuntu wase-Europe manje lokhu kuzongisiza ukuthi ngingavimbeki emazweni amaningi ase-Europe uma ngifuna umsebenzi. Njengamanje ngithanda iligi yase-England kodwa phela kumele ngilindele ukuthi kube khona iqembu elingibizayo. Lokhu ngingakwenza ngokuthi ngidlale kahle kuTwente bese ngiqhubeka kanjalo nakuBafana,” kusho
uMokotjo.
UKABOHELO Mokotjo, odlalela iFC Twente obesekusatshwa ukuthi angase ayeke ukudlalela iBafana
Bafana emva kokuthatha ubuzwe baseNetherlands
“Konke okwenzekile sekuyinto edlulile kimina futhi akekho umuntu engingathi uyisitha sami. Okuyikona okumqoka wukuthi konke ebengikufisa sekwenzekile. Ikusasa leBafana liqhakazile futhi njengoba kade esho uzakwethu uKermit (Erasmus) kuhlangene imihlathi eyazanayo.
“Sidlale ndawonye saphinde saba yizitha emaqenjini ehlukene sisebancane ngakho-ke siyazana. Lokhu kwenza kube lula ukuxhumana, into esiyijabulelayo sonke. Kuningi esisazokwenza ngaleli qembu nabaqeqeshi balo abasalinde ukushintsha inhloko yabaqeqeshi,” kusho uKamohelo ohlale njalo ebalwa nabahamba phambili ngamaphasi eligini yaseNetherlands.
Namuhla iBafana izobhekana ne-Angola emdlalweni wobungani eBuffalo Stadium, ngo-7 ebusuku.