KUFANELE ukuba kumvusile wazibuka esibukweni Ephraim “Shakes” Mashaba obengumqeqeshi weBafana Bafana izolo ukugqama kwabadlali abebadubile ngesikhathi bequmba phansi iGuinea Bissau emdlalweni wokucijela iFifa World Cup eseRussia ngonyaka ozayo.
Abadlali abebadubile uMashaba nguKamohelo Mokotjo noKermit Erasmus abebenza izinto zenzeke ngesiwombe sokuqala.
U-Erasmus ushaye igoli leBafana lokuqala ngomzuzu ka-35 enemba iphenathi evele ngokugingqwa kukaThulani Serero esejike unozinti sekufanele ashaye inethi.
Kuphele imizuzu engu-10 yokuqala kungakabonakali lutho olutheni ngaphandle kweminyakazo emihle kaKamohelo Mokotjo ebinika ithemba lokuthi ibhola lingaqabula inethi noma yinini.
Bekufanele nokho uMokotjo asebenze kucace zibekwa kwazise uthole into akade eyifisa, ukunikwa ithuba eqenjni lesizwe.
UMokotjo uze wazidingisa, hhayi nje kuphela eqenjini lesizwe kodwa nasezweni ethatha ubuzwe baseNetherlands, aseneminyaka engaphezu kwemihlanu edlala khona.
Nokudlala kwakhe izolo yinto ecace ngoLwesihlanu ntambama uMnyango weZasekhaya usuqinisekisa ukuthi usephinde wabuthola ubuzwe bakuleli.
“Hhaw’ ikhongo mameh! Khongo, Khongo mama!!!...Shebeleza Khongo!!! Shebeleza njalo! Ekuseni! Nantambama...Shebeleza Khongoh!”
Yingoma ebisho kanje izikhawu ebiyisikhumbuzo sokuthi iNingizimu Afrika yonke isemanzini ngemuva kokushiywa ngenye yezingqwele zikaqedisizungu, inkakha enguJoe “Sdumo” Mafela.
Ziye ekhefini iBafana ihamba phambili ngegoli
lika-Erasmus. Zibuye ekhefini * -Owen Da Gama obesafudumeze isihlalo somqeqeshi wabakhipha * -Erasmus noMokotjo efaka uLebohang Manyama noPercy Tau abebelokhu bemcele njalo esazilolonga ngaphandle.
Ibingaphansi kweshumi imizuzu esenkundleni uTau wakuphinda asedume ngakho kwiMamelodi Sundowns, ebasela igoli leqophelo eliphezulu.
Igoli leGuinea lishaywe wu-Aldair Abdail Djalo Balde
UDa Gama ungene emdlalweni wayizolo esazi ukuthi namuhla ekuseni kuzokwethulwa umqeqeshi osemthethweni.
Umoya obuheleza ubukhomba uRoberto Mancini wase-Italy oshiye kwiPremier League esize iManchester City yaqeda ishobolo leminyaka engu-44 ishweba isicoco seligi.
Iphini lakhe bekukhonjwa uRoger de Sa osanda kuvuka kwiMaritzburg United.
Igoli lesithathu obekuyiphenathi lishaywe wu-Andile Jali, ophume ngohlaka umdlalo usuphela. Umdlali okhethwe njengogqamile emdlalweni kube nguKeagan Dolly. Ibuyile nemvula kodwa ibingazweli kubalandeli. Umdlalo olandelayo weBafana ne-Angola useBuffalo City Stadium, eMonti ngoLwesibili ngo-7 ebusuku.