BAYALAKANYANA ngokuvumbuka kwiNational First Division abadlali abagqame kwi-Absa Premiership kodwa abaqede isigamu sokuqala sesizini ka-2016/2017 bejika nelanga ngenxa yokunuka umzondo emaqenjini esigaba esikhulu.
UManti Mekoa, odume kwi-Orlando Pirates ayijoyine esuka kwiFree State Stars kanye noMpho Makola noThabo Matlaba, ngomunye walaba badlali okuyiwe kuKhisimusi bengumantunta nendishi.
Lo mshophi wenzeke ngemuva kokuchithwa yiMaritzburg United avike nayo izembe ekupheleni kuka-2015/2016.
Akungatshazwa ukuthi azokwehla kamnandi kubalandeli bale nsizwa edume ngokudla ukotini, amawi kaSteve Barker, ocija iStellebosch FC uMekoa uzama kuyo inhlanhla.
“Ngichazekile nguye,” kusho uBarker, owuzalo lukaClive Barker wodumo lwesicoco se-Africa Cup of Nations asidle neBafana Bafana ngo-1996.
“Indlela afike waziphatha ngayo la (kwiStellebosch) iyathokozisa.
“Akanakho ukuthi ubuya emaqenjni amakhulu noma kwiPremiership. Kuyangichaza lokho.
"Kusho ukuthi sizobenzisana kahle naye.”
Ebuzwa lo mqeqeshi ukuthi uzomsayinisa yini, uzamile ukungena ezintangeni kwacaca ukuthi usechazekile yilo mdlali odabuka eSoweto.
“Umdlali ofana naye usilungele, uzosisiza kakhulu. Usenezinsuku cishe ezine ezilolonga nathi (esho ngoLwesine). Udlalile emidlalweni yobungani wenza kahle. Uyabona khona ukuthi kunesikhathi engadlali ibhola elisemthethweni kodwa uzosisiza kakhulu.
“Kule midlalo yesigamu sesibili ezayo bayadingeka abadlali abanamava njengaye. Kuzobe kushubile. Nathi sikuleso sixhanti. IThanda Royal Zulu vele isiwelile,” kusho uBarker.
Omunye umdlali okubhekwe ukuthi asayine noMekoa kwiStellenbosch nguCheslyn Jampies, oke wabizwa nakwiBafana nyakenye ngaphambi kokuchithwa yiBloemfontein Celtic.
Abanye abadlali abebejika nelanga njengoMekoa ngesigamu sokuqala sale sizini asebethola amakhaya amasha kwiNFD nguJabulani Nene noCarlington Nyadombo bobabili abagcine ukubonakala kwiPolokwane City.
UNene noNyadombo bathathwe yiRoyal Eagles ezinze eMgungundlovu.
Abanye abadlali asebewele umngcele bathola amakhaya amasha:
Siyabonga Nhlapho obekwiBidvest Wits isimbolekise kwiHighlands Park;
Abia Nale usuke kwiMaritzburg United wasayina kwiPlatinum Stars esithathe noGerald Phiri, Willem Mwedihanga. UTlou Segolela owasuka kwiPIrates ujoyine iPolokwane City.
Mpho Kgaswabe waseBotswana usayina kwiBaroka; IJomo Cosmos ibolekise kwiMagesi uMthokozisi Msomi, Sibusiso Mdamba noThabang Mokoena; Real Kings isisayine uMxolisi Sibanyoni obesesikwatini seKaizer Chiefs seMDC; Mbombela United isayinise uJermaine Christian; Cape Town City iboleke uRheece Evans kwiMamelodi Sundowns ehlukane ngendluzula noKeagan Dolly okulidelwe aqedele ukusayina kwiMontpelier yaseFrance. NgoLwesine ebusuku uDolly ulibangise eFrance eyohlolwa ngodokotela beMontpelier.