OWAYENGUMNIKAZI weReal Classic, uCedric Sgeme Xulu, uthi ufe olwembiza ngokudlula komqeqeshi uRodger Sikhakhane, ababeyibambe naye kuleli qembu elalidlala kwiVodacom League (ABC Motsepe League).
USikhakhane (42), obenomuzi eMelmoth naseRichards Bay, udlule emhlabeni ezintathakusa ngoMgqibelo, esibhedlela iMedi-Clinic, lapho ebekade elashelwa khona.
Ebhonga emsanweni uXulu uthe ubesenethemba lokuphinde asebenze noSikhakhane njengoba esezinhlelweni zokubuyela ebholeni.
“Umphefumulo wami wephuke kakhulu ngokudlula emhlabeni komuntu ebengiziqhenya ngaye uma ngimbona ephenduka undaba mlonyeni endimeni yezokuqeqesha. Ngesikhathi ngithenga iqembu lebhola iManning Rangers, idlala kwiVodacom League, ngayithuthela eMelmoth lapho engahlangana khona noMboma (Sikhakhane), eqeqesha iReal Classic FC eyadlala esigabeni esiphansi (SAB League), ngathi asihlangane siyishintshe igama (Manning Rangers) ibe yiReal Classic,” kuchaza uXulu.
Ngokudodiswa uJomo Sono kulo mdlalo, uXulu wabe esethatha isinqumo sokufunela uSikhakhane uqeqesho.
“Kwaba yilapho-ke, engamhlelela ekutheni ayothola ukuqeqeshwa kulo msebenzi ngemuva kokuba sengibone ikhono lakhe. Ukushona kwakhe kungiphazamise kakhulu njengoba ngisezinhlelweni zokubuyela ebholeni ngokuthenga iqembu elidlala kwiNFD. Udlula nje, bese ngikengamudla indlebe ngezinhlelo zami zokubuyela ebholeni ngoba bengisafisa ukuphinde ngisebenze naye. Ngife olwembiza isibili, sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthul."
UShauwn Mpisane, ongomunye wabanikazi beRoyal Eagles nobesenzisana noSikhakhane kuleli qembu kusukela ngesizini edlule elivikisa izembe, uthe bagqemeke udume olungeqiwa ntwala. “Silimele kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni. Besinethemba lokuthi njengoba kade ebambekile usazolulama abuyele eqenjini. Usebenze kahle kakhulu efika lapha etakula iqembu ezembeni ngesizini edlule."
USikhakhane ngaphandle kweReal Classic FC, usebenze isikhathi eside kwiChippa United neThanda Royal Zulu.
KwiChippa uqale kuyona isadlala kwiNational First Divsion (NFD), kuze kube uyinyusela esigabeni sePremiership.
Ngaphandle kokwenyusa iChippa uphinde wenza okufanayo kwiThanda ayinyusele esigabeni sePremiership nokwagcina ngokuthi kuhlomule AmaZulu ngokuthenga ilungelo layo lokudlala kulesi sigaba.