LE ndaba yeSABC nePremier Soccer League (PSL) kumele isheshe ilungiswe ngoba akukuhle neze okwenzekayo.
Uma ungazi, iSABC ithi ayikwazi ukukhokhela iSuperSport uR280 million ngonyaka iminyaka emithathu, okuyiyo enesivumelwano nePSL sokusakaza imidlalo engu-144.
Lokhu bathi kungenxa yokuthi benza inzuzo kaR9.8 million kuphela ngonyaka.
Isiphakamiso sokuthi iSABC inikeze iPSL umoya kaR53 million emsakazweni naso besingakavunywa.
Lokhu kusho ukuthi kuthuleke nxa zonke ngemidlalo ye-Absa Premiership esanda kuqala. NeyeGladAfrica Championship eqale kule mpelasonto kuthulekile ngayo ngoba ingaphansi kwePSL.
NgokweBroadcast Research Council of South Africa, bangu-36.4 million abantu abalalela umsakazo noma yinini. U-36% ulalela ezemidlalo.
“Lezi zibalo ziqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika kuzona zonke izinkalo bayaqhubeka nokuthembela eziteshini zeSABC nsuku zonke ukuze bathole ulwazi, imfundo nobumnandi,” sasho kanje isitatimende seSABC ngoMeyi emva kokuvela kokuthi sinyukile isibalo sabalaleli beziteshi zeSABC.
Ngiyazibuza ukuthi bonke laba balaleli abancishwa ibhola ngoba befuna ubumnandi okanye ulwazi kuzothiwani manje ngabo njengoba kuthulekile nje.
Inkinga ayigcini ngabo kepha nabasebenzi abayitoho abahola ngabakwenzile basenkingeni manje ngoba abasebenzi. Labo abasakaza ibhola ngeke bayithole leyo mali ngoba abasakazi. Nabahlaziyi ngokunjalo balimele.
Kepha okuyibona bantu abalimele kakhulu abalaleli abancishwa into abayithandayo.
Kumele iSABC nohulumeni, osungenele kulolu daba, bakhuthale impela babhukule ekutheni kuthoakale isisombululo ngokushesha.
NgoMgqibelo ngivule umsakazo. Ngokujwayelekile uma kunebhola ngo-3 ntambama, uhlelo lukaKing Sfiso woKhozi FM, iChillas luyaye luhlehliswe lungene emva kwalo ngo-6. Kulokhu impela uSfiso ubelokhu eziqhululela izingoma ze-house ezipholile kanjalo noDJ abebamemile ukuthi benze ama-mix.
Kuthe uma kushaya y-6 kwalandela uVictor Molefe ehambisana noNolwazi Machi. Bangene bakhuluma ngomdlalo wamaBhokobhoko ne-Argentina obuseLoftus Versfeld, ePitoli.
Balandelise ngokukhuluma neMeya yaKwaNongoma u-Albert Mncwango ngendaba yamaMayoral Games abekhona. Yilapho kuvele kwangikhanyela khona ukuthi konakele. Nakwezinye iziteshi kwenzeka esifanayo.
Kumele isheshe ilungiswe le ndaba ngoba akukuhle neze okwenzekayo.