UFUNA iqembu linqobe umdlalo wokugcina ukuze lidle uchungechunge lwemidlalo yama-over angu-50 neSri Lanka, ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane, uLaura Wolvaardt.
La maqembu azotholana phezulu okokugcina e-JB Marks Oval, ePotchefstroom, ngoLwesithathu ngo-2 ntambama.
AmaProteas ahamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge kulandela ukunqoba kwawo umdlalo wesibili ngamawikhethi ayisikhombisa eKimberley Oval ngoMgqibelo. Umdlalo wokuqala obuseBuffalo Park ngoLwesibili olwedlule awuzange uphele ngenxa yemvula.
UWolvaardt ukhombise ukuba ngumholi oqotho ngoMgqibelo njengoba engakhishwanga, waqeda umdlalo eseshaye ama-run angu-110 emabholeni angu-14. Usize amaProteas ukuthi afinyelele kuma-run angu-233 futhi anqobe umdlalo, kwazise iSri Lanka ibishaye kuqala yathola ama-run angu-229.
Ukunqoba uchungechunge lwe-ODI kuzoletha injabulo eqenjini lakuleli njengoba iSri Lanka yalinqoba ngo 2-1 ochungechungeni lwe-T20.
“Ngijabule ngokuthi siwunqobile umdlalo wesibili. Kwasidumaza ukuthi owokuqala uphazanyiswe yimvula ekubeni sasibona sengathi sishaye ama-run amaningi. Inhloso yethu bekuwukudlala ezingeni eliphezulu lonke lolu chungechunge, ikakhulukazi uma sishaya,” kusho uWolvaardt.
“La maphuzu e-ODI abalulekile kithina ngoba ayingxenye yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Ngicabanga ukuthi iSri Lanka izoqina emdlalweni olandelayo kodwa nakanjani sihlose ukuluthatha uchungechunge. Kungaba kuhle uma singanqoba nalo mdlalo wokugcina.”
Ama-run ashaywe u-Wolvaardt aqinisekise ukuthi usengumdlali wakuleli wesifazane oseshaye ama-run amaningi kunabo bonke emidlalweni ye-ODI. Usehlanganise ama-run angu-3764 emidlalweni engu-94.
Uphule irekhodi lama-run angu-3760 ebeliphethwe uMignon du Preez, owayeka ukudlala ngoDisemba 2022. Omunye umdlali wakuleli wesifazane oseshaye ama-run angaphezu kuka-3000 ngu-Lizelle Lee, owathatha umhlalaphansi enangu-3315.
“Kuyajabulisa ukuthi sengidlale imidlalo eminingi kangaka eqenjini lesizwe ngisaneminyaka engu-24. Ukuba sohlwini nabadlali abaphambili kwikhilikithi yabesifazane abafana noMignon noLizelle kusho lukhulu kimina.
Ngikholwa wukuthi ngisazodlala eminye imidlalo eminingi ngakho ngiyethemba ukuthi ngisazoshaya ama-run amaningi, ngiqhubeke nokwandisa isibalo sami,” kuphetha u-Wolvaardt.