INKAKHA edlalele iManchester United kwi-English Premier League (EPL) neqembu lesizwe laseWales, uRyan Giggs, isola ukungabekezeli kwabadlali baseNingizimu Afrika njengesizathu esenza basheshe babuye phesheya kwezilwandle.
UGiggs, odlale imidlalo ewu-672 kwiRed Devils, uthe akukuhle neze ukuthi izwe elifana neNingizimu Afrika, elinabadlali abanekhono ngale ndlela, lingabi nabadlali abathile abadlala kumaligi amakhulu futhi ahlonishwayo emhlabeni njenge-EPL, Italian Serie A neBundesliga yaseGermany.
UGiggs ubeseThekwini ngoLwesithathu, ohambweni obeluxhaswe ngabakwaHeineken abebehamba nendebe ye-Uefa Champions League. Isolezwe lixoxe naye eSibaya Casino.
Phakathi kwabadlali obekubhekwe lukhulu kubo phesheya kwezilwandle kodwa babuya zibekwa, singabala u-Andile “Gattuso” Jali osedlalela iMamelodi Sundowns, Lebogang Manyama oyibamba kwiKaizer Chiefs noKermit Erasmus odlalela iCape Town City, ukubala abambalwa.
Empeleni njengamanje iNingizimu Afrika inoKamohelo Mokotjo odlalela iBrentford kwiChampionship yase-England, Percy Tau othengwe yiBrighton & Hove Albion yase-England yambolekisa kwiRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium edlala esigabeni sesibili kwiBelgian First Division B noThulani Serero odlala kwiVitesse Arnhem yaseHolland edlala kwi-Eredivisie.
E-France kwiLigue 1, iNingizimu Afrika inabadlali ababili uBongani Zungu odlalela i-Amiens SC noLebo Mothiba odlalela iStrasbourg.
“INingizimu Afrika ngiyayihlonipha kakhulu ngabadlali esibakhiqizile, kusuka kuLucas “Rhoo” Radebe odlalele iLeeds United iminyaka, uQuinton Fortune engidlale naye isikhathi eside kwiMan United, uSteven Pienaar obedlalela i-Everton noBenni McCarthy odlale iminyaka e-Europe edlala kumaligi ehlukene. Akukuhle nokho ukuthi abasekho kahle abadlali abalandela ezinyathelweni zabo, noma abadlalela amaligi amakhulu phesheya.
“Ngiyazi ukuthi bakhona abadlali abahambayo baye phesheya kodwa badlala kumaligi angemakhulu abanye basheshe babuye.
“Ngisola ukuthi imbangela yalokhu ukungaqini kahle kokhakhayi nokuhluleka ukubekezelela izimo ezehlukene emazweni ahlukene. Kufanele bayeke ubugwala, babekezele,” usho kanje uGiggs engxoxweni ekhethekile abe nayo naleli phephandaba.
Njengamanje uyena ongumqeqeshi weqembu lesizwe laseWales.