UMBHALI wezincwadi uNkk Dudu Busani-Dube uzobe eyisikhulumi esiqavile emcimbini wabesifazane weSolezwe, Intandokazi 
 Isithombe: FACEBOOK kaDUDU
SELIGCWELE ibhasi eliya emcimbini omkhulukazi wabesifazane ohlelwa yiSolezwe, Intandokazi kwazise abakwa-Intercape batshele leli phephandaba ukuthi abantu sebezigcwalise zonke izindawo.

Intandokazi izoba ngoSepthemba 1 eWild Coast Sun Hotel & Casino, ePort Edward.

Indikimba ithi New Beginnings, All Things Bright and Beautiful.

UNksz Zama Majola obhekelele ezokukhangisa kwiSolezwe uthe amalungiselelo omcimbi ahamba kahle kwazise abesifazane sebelibhukhe lonke ibhasi.

Uthe amathikithi asatholakala eComputicket ngoR400.

“UR400 uhlanganisa ukudla nesikhwama esigcwele izipho,” kusho uNksz Majola.

Uthe ibhasi lakwa-Intercape lizosuka emahhovisi eSolezwe ngo-7 ekuseni ngoSepthemba 1 selibheke eWild Coast Sun Hotel & Casino.

Mayelana nokukhethwa kwendikimba ethi New Beginnings, All Things Bright and Beautiful uthe lokhu bakwenze ngoba uSepthemba 1 wukuqala kwentwasahlobo lapho izimbali zisuke ziqhakaza futhi kusho ukuqala kwempilo entsha.

Ugqugquzele abesifazane ukuthi bagqoke izingubo ezinezimbali noma okunemibala egqamile.

Uhlelo lweNtandokazi luzobe luphethwe umsakazi woKhozi FM ongaconsi phansi kubantu uDudu Khoza.

Isikhulumi sosuku ngumbhali wezincwadi zikaHlomu Senes, uNkk Dudu Busani-Dube.

Abahambele Intandokazi bazojatshuliswa wumculi wowokholo, uDumi Mkokstad ozoshaya amanoni akhe amaningi okuhlanganisa elithi Mbize.

Abesifazane bazonikwa amasu okupheka ngumpheki wakwaSpekko uNkk Zanele van Zyl, baphinde banikwe amasu okuzivocavoca nokuphila kahle nguNkk Zanele Maphumulo.

Intandokazi ixhaswe ngabakwaSpekko.