UKUDALULWA kwendikimba yemisiko yengqephu okuzohlotshwa ngayo emjahweni wamahhashi oyindumezulu waminyaka yonke eThekwini, kusho ukuqala komshikashika kwabemfashini.
IHollywoodbets imemezele ngokusemthethweni indikimba yeHollywoobets Durban July, ethi Show Me The Honey, okumele ilandelwe ngabasiki bengqephu abazohambela indumezulu yomjaho kaJulayi.
Ungoti kwezemfashini nosenamagalelo abanzi kulo mkhakha uMnuz Derrick Mhlongo, uthi kuningi okwakhele kule ndikimba futhi kungasuselwa kuju nenyosi.
UDerricke ubeluleke kanje abezemfashini: " Uju yinto yekhethelo, emnandi nethandwa kakhulu. Ungaqala lapho ubheke umbala walo ozishaya sagolide, ubenyezele sakuqhakaza. Usuyazibona izindwangu ongakhetha kuzo, ungasabalala nangengqondo ubheke ukuthi uju lakhiwa yinyosi enamaphiko. Yilezi zinto ezingakusiza ekutheni uthunge ngendlela ehlukile."
Eqhuba uMhlongo uthe ukukhetha indwangu efanele kuzobasiza abasiki bengqephu ukuze bangashayi eceleni ngoba izobe isho konke ngendikimba yosuku.
" Inyosi incane kodwa idalwe yaba nezinto eziningi ezinkulu. Uma ufuna ukwehluka kancane ungabheka nokuthi ngokwemvelo isebenzisa imbali uma izokwakha uju, bese ugxila nakwimvelo nezindwangu ezihambisana nayo," kuchaza uMhlongo.
Ephetha uMhlongo uthe ukuphuma kwendikimba ngesiNgisi akusho ukuthi yonke into kumele ihambisane nakho. Uma ukhonze isintu kuningi ongakwenza.
" Izinyosi ngokwezinkolelo, zibika okuthile uma zingene ekhaya. Ngokwesintu nesiko ziyahambisa nobukhosi. Ungenza ucwaningo ujule ukuze uthunge ngesintu nokuyinto esondelene nabantu," kusonga uMhlongo.