UKUGQOKWA kwamasokisi anemibala egqamile, abanye abajwayele ukuwagqoka nophaqa, kuqale ukubonakala kakhulu ngesikhathi sokuvalwa kwezwe, ngoba iningi belijwayele ukuzihlalela emakhaya.
Ongoti bemfashini bathi lolu hlobo lwamasokisi lungenisile futhi lusazohlala ohlwini lwemfashini ehamba phambil, ikakhulu kwabesilisa.
Bathi ukungabi khona kwesidingo sokuthi abantu baswenke baconse uma beya emsebenzini, nakho kwenze lolu hlobo lwamasokisi lwavelela.
“Ukubukeka ngendlela” sekusho izinto ezihlukene kubantu abaningi ngoba nalabo abebekhonze ukugqoka ama-jean namakwayikwayi sebezigqokela amabhulukwe akhululanayo (sweatpants) nophaqa.
Echaza ngesitayela uDerrick Mhlongo oyisazi semfashini, uthe imfashini imayelana nalokho nokuyikona okwenza ukuthi abantu bagqoka noma yini ebenza bazizwe bebahle.
“Sesiphelile isikhathi sokuthi abantu banqunyelwe ngemizimba yabo, yingakho sebegqoka noma yini abazizwa bekhululekile kukona,” kusho uDerrick.
Uthe akukhathalekile ukuthi umuntu ufuna ukuwagqoka nani amasokisi ngoba aba mahle nanoma ugqoke isudi.
“Kumanje kunomkhiqizo wamasokisi osungulwe ngowesifazane waseMargate, owenza kahle kakhulu ngemikhiqizo yakhe ngoba usenamakhasimende aphesheya kwezilwandle,” usho kanje.
Uthe amasokisi angagqokwa abesilisa nabesifazane futhi awakhethi ngoba ungawagqoka emcimbini wesintu, emsebenzini nanoma yikuphi. Uveze nokuthi into eyenza amasokisi abe nedumela nasemazweni aphesheya wukuthi ahlobe ngemibala emataniswa namasiko ahlukene akuleli.
"Osekusele ukuthi sikhiqize ngisho indwangu yawo ukuthi kudaleke namathuba emisebenzi ukuze ikhule kakhulu kunakuqala indima yemfashini yakuleli,“ kusho uDerrick.
Kuyacaca ukuthi lesi sitayela sifike kwezwakala ngoba nezinkampani zaphesheya zibukeka zisithanda nasembukisweni yezimpahla zabo, bakhangisa ngaso.