Mbali Khanyile
UKUTHENGA noma yini esesitayeleni ngaphandle kokubuka ukuthi iyahambelana yini nomzimba wakho, yiphutha elivame ukwenziwa ngabaningi, ikakhulukazi abesifazane.
Kulezi zinsuku kungenise uhlobo olusha lwama-jumpsuit abukeka njengendwangu ye-tight. Lolu hlobo luvamisile ukubonakala entsheni nakwabesifazane abanemizimba eqoqene. Yize lubukeka luwuhlobo lwabasha, nabakhulile bayabonakala beziphihle ngalo.
Lapho okufike kwehluke khona ekugqokweni kwayo wukuthi abadala bayaye babonakale befake amahembe apholile phezu kwawo (ama-jumpsuit) ngenxa yokuhloniphisa. Abanye bahlobe ngama-coats athe ukweluleka ngezanzi kwesinqe. Lolu hlobo lwama-jumpsuit ludla ubhedu nakosaziwayo abazifelayo ngengqephu.
Yize abanye ama-jumpsuit bewagqoka namateku, abanye bayawaswenkela bagqoke nezicathulo ezisho phezulu ngesithende.
Abanye bajwayele ukuwafaka nama-figure belt asebuye ngezinkani.
Umsiki wengqephu, uNksz Mumsy Mkhwanazi, uthe bakhona abantu besifazane abakhuluphele abawagqokayo ama-jumpsuit asengenisile kodwa abukeka kahle kakhulu kulabo abanemizimba eyakheke kahle.
“Lolu hlobo lwama-jumpsuit lubukeka kahle kakhulu kubantu besifazane abanokhalo oluncane. Abanemizimba eyondlekile kodwa abawathandayo kumele baqikelele ukuthi bagqoka ama-body shape ngaphansi ukuze babukeke,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe ama-body shape okumele bawasebenzise ngathe ukuba made afika emadolweni ngoba amafishane ashiya kunemivingqi ebukeka kabi ngaphansi kwe-jumpsuit kanti kwamade akunalayini ovela kambi.