ISOLA ukuzondwa kwabamnyama ngamaNdiya imindeni yababulewe ePhoenix, eThekwini, ngesikhathi kusuka izibhelu zokuzitapela ezitolo ngesonto eledlule.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, uthe bangu-20 abantu abamnyama okusabikwe ukuthi babulewe kulolu dlame okusolakala ukuthi lunenhlese yokucwasa.
UMnuz Zenzele Dlamini, uninalume kaNjabulo Dlamini (31), isidumbu sakhe esatholwa sidindilize eduze kwetekisi ayelishayela elalishisiwe, sinamanxeba okugencwa ePhoenix ngoLwesibili, exoxa neSolezwe uthe: “Ubezihambela emgwaqweni eyofaka uphethroli egaraji ajwayele ukulisebenzisa njengoba ubewumshayeli wetekisi.
Lokhu ngiyakukholwa ngoba ukube ubeqonde ukutapa impahla, bese kuvele kuqalile eBridge City ngakho ubengeke ashiye lapho bekutatshwa khona ngakubo, aye ePhoenix.’
Uthe okubuhlungu wukuthi umufi ubeseqala ehlanganisa impilo yakhe, esebenza ngokuzikhandla emsebenzini wamatekisi aqale ukuba kuwo esemncane, esashaya isicabha.
UNksz Ntwenhle Mhlongo waseMawoti, unina kaSanele Mngomezulu (19), ongomunye wabafe ePhoenix, usole uCele ngokungabonakali ekhalisana nabantu abafelwe.
“Le nto ayihlangene nokutapa ezitolo kodwa sekuyindlela yokubulala abantu abamnyama. USanele besigcine ukumbona ngoMsombuluko ebusuku. Wayehamba nabangani bakhe ngesikhathi behlaselwa ngamaNdiya abadubula ngasePhoenix Park, washonela endaweni yesigameko. Omunye umngani wakhe usahamba nenhlamvu engakakhishwa ngenxa yalolu dlame,” kusho uNksz Mhlongo.
Uthe uMngomezulu ubehlala ePhoenix, wathi kusenzima ukuya kule ndawo yize benekhaya khona ngenxa yokusaba ukwenzakaliswa.
UNksz Zandile Mthembu uthi wasizwa ngamanye amalungu omphakathi amcashisa ngesikhathi izihonga zimshaya zimkhipha emotweni yakhe maqede zayokhela ngomlilo ngesikhathi ezidlulela emgwaqweni onqamula ePhoenix.
“Ngangizihambela ngedwa emotweni, ngingaphethe lutho. Bangivimba, bangishaya, bangiphuca ifoni, bashisa imoto. Bangilalisa ngesisu emfuleni, omunye wayelokhu ethi mbulaleni, ngibabuza ukuthi ngibulawelwani, ngenzeni? Umbulalelani umuntu wesifazane ongenacala ozihambela yedwa? Ngaphunyuka ngabaleka,” kusho uNksz Mthembu.
Uthe okumphatha kabi wukuthi bekuyimoto yakhe yokuqala njengoba ubesaziphumela esikoleni futhi uyafisa kwenziwe ubulungiswa, bamkhokheke imoto yakhe, baphinde baboshwe.
UCele uthe kwandiswe isibalo samaphoyisa, kwatshalwa namasosha kuleya ndawo. Uthe amacala okubulawa kwabantu okwenzeka khona azoba seqhulwini futhi sekubunjwe ithimba labaphenyi abayishumi elibhekelela ukuphenya ngezinsolo zokucwasa nokubulawa kwabantu ePhoenix.