UKUNGATHAKASELWA kwezimoto ezincane kwenze sanganyuka kakhulu isibalo sokuthengwa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngoJulayi, ngokwezibalo ezikhishwe yi-naamsa | The Automotive Business Council.
Izimoto ezidayisiwe zibe ngu-43 389 okuyisibalo esinyuke ngo-567 noma u-1.3% uma kuqhathaniswa no-42 822 odayiswea ngoJulayi ngo-2022.
Isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle kwakuleli, sona sinyukile ngakolunye uhlangothi. Zibe ngu-11 896 noma u-47.3%, zaba ngu-37 064 ekubeni ngoJulayi wonyaka odlule bezingu-25 168.
Kuzo zonke izimoto ezingu-43 389 ezidayise eNingizimu Afrika ngoJulayi, ezincane zibe ngu-27 839. Yisibalo esehle ngo-2 985 noma u-9.7% uma kuqhthaniswa no-30 824 odayiswe ngoJulayi ngonyaka odlule.
Ukuthengwa kwamaveni namabhasi amancane kunyuke ngo-3 114 kwafinyelela ku-12 666.
Isikhulu seNaamsa, uMikel Mabasa sihalalisele iMercedes-Benz South Africa (MBSA) egubha iminyaka engu-65 ikhiqiza efemini yayo ese-East London.
“I-MBSA isikhiqize izinkulungwane zezimoto efemini yayo ese-East London kule minyaka engu-65 eyedlule. Iningi lazo elidayiswa ngaphandle kwakuleli.
Babalelwa ku-4 000 abasebenzi abaqashwe yiMBSA futhi ukutshalwa kwemali efemini kuvikela imisebenzi, kwaba nomthelela e-East London yonke nasembonini yezimoto.
I-MBSA ibambe iqhaza elikhulu emnothweni wase-Eastern Cape futhi ibalulekile nasembonini yezimoto eNingizimu Afrika,” kusho uMabasa.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota – 10 812
Volkswagen Group SA – 5 797
Suzuki Auto – 4 361
Hyundai Automotive South Africa – 2 878
Ford Motor Company – 2 500