MHLELI: Sekukaningi ngizwa uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, ekhuluma ngesifiso sokubhekelela izitshudeni ezizalwa yizisebenzi zikahulumeni. Izisebenzi ezisezingeni eliphakathi nendawo okubalwa othisha, amanesi namaphoyisa.
Kumanje kunezitshudeni ezihleli emakhaya kungelona iphutha lazo kodwa kungenxa yokuthi abazali abanayo imali. Kuyiqiniso ukuthi lezi zisebenzi zithwele kanzima, ngisho ingekho ingane eziyikhokhelayo enyuvesi. Ngesikhathi uhulumeni efaka imfundo yamahhala kwabaswele, kwakumele abeke enye imali ezoxhasa laba abazalwa yilezi zisebenzi. Noma kube yimali ebolekisayo abazobuye bayikhokhe uma sebeqedile. Njengamanje abantwana bathwele isijeziso sokuhluleka kwabazali babo.
Lezi zingane azizikhethelanga ukuzalwa yilaba basebenzi.
Ngicela ungqongqoshe aqhamuke nohlelo olusheshayo lwalezi zitshudeni, ayeke leli culo ahlale elicula lokuthi basabheka uhlelo abazokuza nalo.
Kungani kuthathe iminyaka ukubheka uhlelo ekubeni kumthatha amaviki ukuqhamuka nohlelo lokuthenga amalaptop ne-data okuzonikezwa abaxhaswa yiNSFAS?
Izitshudeni ezingaphansi kweNSFAS ziyatitiliza imihlomulo kodwa ezabasebenzi zincela izithupha ngenxa yabazali abangenawo amandla okukhokha. Umhlonishwa uNzimande akabe neqiniso.
UMbhishobhi Themba Chonco
EMtubatuba