MHLELI: Kwelakho ngicela imvume yokuveza umbono ngengikuzwe enkulumeni yeMeya yeTheku ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, konke lokho kwadalwa yizibhelu zaseLamontiville (lapho kwangqongqiswa izimoto zikamasipala ezingu-6).
Ngokomlomo kaMnuz Mxolisi Kaunda izinxushunxushu zaqala mhla izakhamuzi zizakhela emhlabeni kamasipala, imeya yathi umphakathi wagxumeka imikhukhu endaweni engafanele. Kulo mhlaba abakha kuwo abantu kuhamba amapayipi kagesi okwenza kube lukhuni satshe ukuba kwakhiwe kuwona. Elami lithi, kungani umkhandlu ungenzanga imizamo thizeni utholele abantu indawo ephephile ukuze bakhe?
Kungani balinde kuze kube nje ekubeni bebengasigwema lesi simo?
Inkulumo yemeya yakhombisa ukuxhugela komholi, ukube yayekela oyikhulumelayo akhulume ngalolu daba mhlawumbe wayengalubeka kangcono kunayo. Abakhulumeli bafihle lukhulu ngabaqashi babo.
Uma ubona ukuthi umphakathi wakha lapho kunezintambo zikagesi namapayipi, kungani ulinde kuze kushiswe impahla engaka?
Kungani ingasigwemanga isimo? Imeya iyazi nje ukuthi yona nomkhandlu bangamangalelwa wumphakathi othintekayo ngalokhu.
Kodwa-ke akusiyona inkinga yaseThekwini kuphela lena iseNingizimu Afrika yonkana. Kuhulumeni obusayo ngithi akusigxobo saguga namagxolo aso. Sengathi amatomu ehhashi likaVelaphi aseya ngokuphelelwa yisikhathi kangangokuba lingaphunyuka ligingqe phansi umgibeli walo.
Mxolisi Zuma
eMgungundlovu