MHLELI: Kungithokozisile ukuzwa uNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke, uMnuz Tito Mboweni, ethi ngeke isathola ngisho indibilishi le, ikhomishini ephenya ngezinsolo zokulawulwa kombuso yidlanzana. Lokhu kudinga ukushayelwa ihlombe.
Sekucacile ukuthi ikhomishini kaJaji Raymond Zondo, yinto engenamsebenzi nje, kepha imunca imali yabakhokhi bentela. Ikhomishini kaZondo seyidle imali engaphezu kukaR800 million. Inabameli abahola imali elinganiselwa kuR40 000 ngosuku. Sesibongile, ayihambe ikhomishini ngoba vele ibukeka iyinkundla yokugega abathile kwezepolitiki.
Uma kukhona ubufakazi enabo ngokuphulwa komthetho kayinikeze uphiko lwezokushushisa, kuboshwe abasolwa. Kwakufanele u-Advocate Thuli Madonsela adlulisele ubufakazi bokwephulwa komthetho kwiNPA. Kungasungulwa ikhomishini ngoba kuyacaca ukuthi uma kwenziwa kanjalo kuleli, kusuke kushoniswa ilanga. Sibonile ngeKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana. Ngubani owake wathathelwa izinyathelo ngobufakazi obavela kuyona?
Namanje kunabantu abasakhala ngokugilwa kwabo ngesikhathi sobandlululo. Amaqiniso avela kwikhomishini kodwa akwenziwanga lutho. Kuvele ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wajuba uMnuz Sydney Mufamadi, ukuba aphenye amanyundululu ngezobunhloli. Kuvele manje kwikhomishini kaZondo ukuthi waphenya wanikeza uRamaphosa umbiko. Esikhundleni sokuthi kube khona abalandelwayo ngezinsolo zenkohlakalo ezatholakala, umbiko waphanyekwa kwisizindalwazi sehhovisi likamengameli.
Ziningi izibonelo zokusungulwa kwamakhomishini kungabi nazinyathelo ngemiphumela yophenyo. Kuphela nje kubukeka sengathi kusuke kubhubhudlwa imali. Nakuyo ikhomishini kaZondo sibone kuqashwa amabhilidi abantu okuthiwa banikela esikhwameni sikaRamaphosa, iCR17 esamsiza ukuba anqobe ukhetho lukaKhongolose ngo-2017.
Izwe lixakekile. Kwembulwa kwembeswa emnothweni wezwe. Nazi nezikweletu zisimele ngenhla. Abantu baselwe imisebenzi. Izibalo zakamuka zabangasebenzi zikhuphuke kakhulu ngenxa yokubheduka kweCovid-19. Sidinga ukuthi leyo mali encane esinayo ifakwe ezinhlelweni zokudala amathuba emisebenzi. Nginxusa abaholi bethu ukuthi mababuyelwe ngonembeza - bagweme inkohlakalo. Ake kwenziwe izinto ezizozuzisa wonke umuntu - hhayi idlanzana elibuswa inkohlakalo.
Zwide Mkhatshwa
KWADUKUZA