Mhleli. Kwelakho eliphuma zonke izinsuku nelizikhipha zishisa zingakapholi. Ngivumele ngibeke ilaka lami ngabaphathi boKhozi FM abasaqubeka nenzondo ngebandla lamaNazaretha.
Okungikhathazayo isihloko esiphume kwelakho langeSabatha esithi "Adinwe ayaveva amaKristu ecikwa ngowakwaShembe".Okungihlekisayo ukuthi lo muntu abakhuluma ngaye bethi ubakhubile uDkt Xhakaza ovame ukushintshana nDkt Mahaye ekuhlaziyeni izindaba zamaNazaretha. Kodwa lona wakaXhakaza ungaphansi kweNazareth Church Of God, lolu hlangothi olungasekho nhlobo ezimisweni zenkolo yobuNazaretha kepha sebesezimisweni zomholi wabo uMfundisi MelusiI Mpanza.
Okungenze ngabhala lana ukuthi kunjena nje kungenxa yomphathi-zinhlelo uZandile Tembe ohlulwa wukuba umholi oqotho.
Phambilini inkolo yobuNazaretha ibihlaziywa uDkt Mahaye eyihlaziya ngobukhulu ubunyoninco. Kuthe kungavuka isilwane savuka sama ngezinyawo kuDkt Xhakaza waputshukiswa esezoshintshana noDkt Mahaye. Okwasikhathaza wukuthi uDkt Xhakaza ubengasahlaziyi inkolo kodwa bese ehlasela amazwi kaDkt Mahaye.
Mina engikubonile kuDkt Xhakaza wukuthi wahlulwa isilwane wafuna ukuyohlaziya inkolo yobuNazaretha ekubeni bona sebeyinkolo enezimiso zobuKristu. Angibasoli oMfundisi Vusi Dube ngokumsola ngokuthi ukhuluma okungamfuni, kepha mina ngingasho ngingananazi ukuthi ukhuluma okumfunayo ngoba bayakholelwa enkolweni yobuKristu. Lokhu kusho ukuthi abasekho ezimisweni zebandla lakwaShembe, phela bona kade bazihlukanisa bazivulela elabo ibandla eliholwa uMpanza hhayi owakaShembe. Okungikhathazayo kakhulu ukuthi sekuba sengathi uDkt Xhakaza uyilungu lebandla lamaNazaretha kanti akaselona nhlobo.
Ngifisa ukwazi ukuthi abaphathi bomsakazo Ukhozi FM babengenwe yini ngesikhathi benika uDkt Xhakaza ithuba ngoba uDkt Mahaye ubehlaziya inkolo yobuNazaretha ngale kokugxibha inkolo yobuKristu kunalokho ubeqhakambisa ubumbano nokuzalana kwenkolo. Kwesinye isikhathi siyabadinga abaholi bomsakazo abazoyilalela into abasuke beyifakile, ngoba kunjena nje yingoba abaphathi abayilaleli into abayenzile, lokhu kusitshela ukuthi sifunzwa ngenkani singabalaleli ukuba silalele.
Uyabona umunwe wami ukhomba ubhekisa kuZandile Tembe ongumphathizinhlelo ngokufaka amasobho amaningi ekubeni ukudla bekumnandi ohlelweni iTendelomcimbi olushayelwa uBheka Prince Mchunu ngeSabatha. Bengifisa ukuba uDkt Xhakaza agxile entweni ayiyele emoyeni bese eyeka ukuhlasela izinkulumo zikaDkt Mahaye nenkolo yobuKristu. Ngiyaneseka kakhulu Mfundisi Dube ngokuthi akakhishwe ohlelweni uDkt Xhakaza ngoba sifunzwa ukudla ekubeni singakufuni ngenxa yabaphathi boKhozi FM.
Khabzela KB MZIMELA EZWELIBOMVU