MHLELI: Nginesicelo engifisa ukusiqondisa eHhovisini likaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa. Ngicela ukuthi umengameli akhulume nesizwe nxa kunento ebalulekile kuphela.
Ngiphoxekile ngeSonto ngoNovemba 28, 2021, sitshelwa ukuthi umengameli uzobe ekhuluma nezwe nekuthe esekhuluma kwangabi khona okuphathekayo akukhulumile.
IHhovisi likaMengameli siyalihlonipha kakhulu. Uma sekumenyezelwe ukuthi uzobe ekhuluma nezwe, siyeka yonke into ebesiyenza ukuze silalele yena. Uma ke umengameli engasakhulumi into esemqoka, siyaye siphoxeke.
Into engibona sengathi isizokwenzeka ukuthi sesizosishaya indiva isimemezelo zokuthi umengameli uzokhuluma nezwe uma evele akhulume into engathi shu.
Bhekuyise Zulu
ETHEKWINI