MHLELI: Bengilalele Ukhozi FM Abasiki bebunda ngoMashi 24, lapho bekumenywe khona uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka. Waze walikhuluma iphutha ubaba emdala emsakazweni kulalele izwe. Uthi uhambela zonke izindawo ngendaba yamanzi.
Kodwa uyazi ukuthi uphuma ubheke ngaphi uma uya KwesaKwaMthethwa njengoba amanzi esihlupha kangaka khona? Sinabo impela ompompi kodwa abangakithi eShayamoya amanzi aphuma uma kuthanda bona ompompi labo. Amaloli amanzi azithathela ngesawo isikhathi. Nenyanga iyaphela ulindile, iloli isathela kwezinye izindawo okanye kuthiwa inenkinga le esithelelayo.
Usizi lumi lodwa nje ngakithi, manje angazi uHlomuka usuke ehambela maphi ama-ward okanye ujika kuMasipala Umfolozi ebese etshelwa ukuthi ngaphansi kukamasipala konke kuhamba kahle, ebese ebamba lokho ayomemezela emsakazweni?
Sesingamtshela-ke thina, sinenkinga yamanzi, sinenkinga yomgwaqo, angiyiphathi eyetiyela okuphela ishumi nanhlanu iminyaka limile KwaLamula. Lutho ukufika ngakithi. UHlomuka akayeke ukukhuluma emsakazweni ukuthi uhambela yonke indawo ngoba akalazi usizi esibhekene nalo emakhaya. Ukube wake waya KwesaKwaMthethwa, nginesiqiniseko ubeyozisholo yena ukuthi akasophinde ahambe ngemoto yakhe kulowa mgwaqo. Ngakithi abanye baze basole ukuthi ompompi bavalwe ngamabomu ngoba kukhona abanikwe ithenda lamaloli amanzi ukuze badle ngokuzothelela umphakathi. Sengacishe ngibavumele nami abasho njalo ngendlela athatha isikhathi ngakhona ukuphuma kompompi.
Mina angazi kusuke kutheni kubaholi bethu uma bebizwe emsakazweni, bafike bancome i-ANC ngokusebenzela abantu nangobuholi bayo ukuninika izidingo. Kwakhona ukufaka omasipala ngaphansi komlawuli kusiza ngani ngoba eMkhanyakude sihlupheka nabo abantu bakhona.
Esikhundleni sokukhuluma iqiniso athi cha mphakathi sesehlulekile ukuninikeza izidingo zenu, bonke bangena basho okufanayo. Uma kungena abantu bemphikisa ashintshe inkulumo, athi bekezelani sekuzolunga. Usho njalo iminyaka emihlanu isizophela, aphume kungene omunye naye asho okufanayo. Uma nalowo omusha ephikiswa naye uthi akubekezelwe sekuzolunga.
Amanzi asiqali manje ukuwahluphekela. Ngize ngithi kwakungcono ngakithi kusenezigwedlo. Sasingalali singagezile kungakaphathi uhulumeni omnyama. Ngangingazi ukuthi kophela imnyaka engamashumi amabili sisabalisa kanjena. Thina yindlu emnyama kulokhu kuthiwa asibekezele sekuzolunga. Mingaki iminyaka sibekezele, bakwethu?
Kudlalelwani ngampela ngathi? Kuthiwa asibekezele, siyaguga phela manje.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
KWESAKWAMTHETHWA