MHLELI: Kuyamangaza ukuthi sithi siphila ezweni lokukhuluma ngokukhululeka ikakhulukazi kulokho esikholelwa kukho kuvele kuqhamuke abazithatha ngokuthi bangongoti abahlanikaphe kunawo wonke umuntu, banyomfe.
Lokhu ngikukhulunyiswa ngendlela yalaba bantu, abazitshela ukuthi bangongqeqe kwiCovid 19, begxeka iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng ngoba emthandazweni yayo igxibhe lesi sifo ngokuthi ngesamadimoni akulesi sikhathi. UMogoeng Mogoeng ubeqwashisa umphakathi lowo ongamakholwa ukuba ucele uMdali angenelele.
Kube uzithintele isidleke seziqandu kulabo okuthiwa bangongoti ekulweni nalolu bhubhane. Babodwa ebebethi uzodukisa umphakathi ekusebenziseni umgomo ukunqanda lesi sifo. Bebesho nokuthi kumele ashenxe esikhundleni.
Kuyaxaka uma sebezenza ongqeqe abazingcono kwezomthetho. Sengathi bayagagamela - sebezenza oNkulunkulu okumele konke okushiwo yibona sikukholwe.
Kuyamangaza nokho ukuthi kula maKhrestu angaka, kuhlanganisa nomkhandlu ohlangene wamasonto, akukho noyedwa ovikele okushiwo yinceku yeNkosi ukuthi ngempela sekuyiso isikhathi sokucela uMdali angenelele. Ingani phela iBhayibheli lisiqwashisile ukuthi ngezikhathi zokugcina kuyobakhona izifo ezingeyokulapheka. Isona-ke lesi sikhathi sokugcwalisela umbhalo ukuthi uJehova akasiyena umqambi manga.
Kwenziwa yini inkulumo yenceku yeNkosi ivungamise bonke ongqeqe ekubeni oqhibukhowe babefundisi bamanga, ikakhulukazi abasuka kwamanye amazwe, bekhuluma noma kanjani baze bathi bavusa abantu abafileyo kodwa akukhunywa lutho ngabo? Ingani abanye babo baze baqambe amanga bethi belapha ingculazi, kungakhulunywa ngabo.
Kuyakhomba ukuthi yisikhathi sokumphika uJehova lesi, uSathane uyabusa. Phaphamani makholwa ebuthongweni leli zwe liyovikelwa yini uma nikhuluma ngazwi linye. Ake sikhohlwe ukulandela ukuthi okhulumile ongowaliphi ibandla, siwumndeni owodwa owahlengwa ngomnikelo wegazi leMvana eyalenga esiphambanweni sehlazo ifela mina nawe.
Qhubekela phambili nceku yeNkosi ngokholelwa kukhona mhlawumbeni lo myalezo ophuma koPhezukonke ngisho nangezikhathi zezono ezenzeka kudala abamlalelanga uNowa ebaxwayisa, babethi ubulawa ukuguga. Kuyaxaka-ke uma sekukhona abathi bangongoti bokwelapha izifo begcine sebazi kakhulu okwezomthetho; ingani sebehluleke bancama amagumbi omane omhlaba. Pho kungazitshwa kanjani ukungenelela komenzi wezulu nomhlaba?
Siphon Robert Mpungose
ESHOWE