MHLELI: Ngicela ukubeka uvo lwami ngomdlalo wamanqamu obuphakathi kweCape Town City neMamelodi Sundowns. Ngifisa ukuyibongela iSundowns ngokunqoba indebe yeMTN 8 okokuqala ngqa selokhu yabizwa ngeMTN8. Bese ngibuyela emdlalweni uwonke. Izinqumo zikanompempe bezingathokozisi. Eqinisweni bezicindezela iqembu likaTinkler. Ngizozibala izinqumo zakhe ebezingathokozisi ebecindezela ngazo iCity.
Esokuqala; iCity ize nomnyakazo yafika ngaku-18 area umdlali weCity uthe ephasela uzakwabo ibhola lashaya kuyena uThando Ndzandzeka (unompempe) esikhundleni sokuthi alinike iCity yena walinika iDowns. Ngisho ingane encane iyazi ukuthi uma ibhola lishayise kunondweba linikwa iqembu ebelihlasela.
Isigameko sesibili; uNdzandzeka uvumele iDowns ukuthi iqhubeke nomdlalo yize unozinti weCity elele phansi, kwala noma abadlali beCity bembuza ukuthi uwuqhuba kanjani umdlalo unozinti wabo elele phansi? Uthe esuka wakhipha ikhadi eliphuzi walinika uTerrence Mashigo ngoba nje bebuza ngesinqumo sakhe sokuthi iDowns iqhubeke idlale ekubeni unozinti wabo elele phansi.
Nakuleso sigameko uma ungabuza ingane encane ukuthi wenzenjani unondweba uma kulimele unozinti, izokutshela ukuthi kumele awumise umdlalo bese eyaxilongwa futhi uxilongelwa ngaphakathi enkundleni, akakhishwa ngaphandle. UNdzandzeka unike uMashigo ikhadi eliphuzi maqede wayobheka unozinti weCity.
Ngaleso sikhathi iCity ibishoda ngabadlali ababili enkundleni. UNathan Fasika bese ethole ikhadi elibomvu. Ngalowo mzuzu bese belinyalelwe yisitobha sabo esinguTaariq Fielies. Ngokwami isenzo sikaNdzandzeka sokuthi iDowns ayiqhubeke idlale ekubeni unozinti weCity elele phansi, sikubeka kucace ukuthi ubenzela iDowns ukuthi ihlasele kahle iCity isishoda ngabadlali ababili ngoba bese ihlulekile iDowns ukushaya igoli ngisho sekuphume uFasika.
Esokugcina isigameko; ngeke sikhohlwe ukuthi iDowns ifinyelele kowamanqamu ngendlela engafanele. Uma ngithi ngendlela engafanele, sizokhumbula ukuthi uKennedy Mweene ube yiqhawe evimba amaphenathi amane emdlalweni owawuphakathi kweKaizer Chiefs neDowns, kepha kuthe uma u-Ace Ncobo ehlaziya izinqumo zonondweba ohlelweni i-Extra Time emasintweni edlule, wakubeka kwacaca ukuthi wonke amaphenathi amane avinjwa wuMweene kwakumele aphindwe ngoba wayenza okungavumelekile ebholeni, ukuthi unozinti ashiye umugqa, aye phambili iphenathi ingakashaywa. Umthetho uthi anganyakaza aye emaceleni kodwa angayi phambili.
Kepha uNdzandzeka nabasizi bakhe baphinde benza u-Onyango iqhawe ngokuvimba amaphenathi amahlanu engasekho kulayini. Iphenathi kaThamsanqa Mkhize evinjwe wu-Onyango engekho emgqeni iyona ebizonika iCity indebe ngoba iDowns iyishwebile iphenathi.
ONdzandzeka benze sengathi akwenzekanga lutho. Ngokwami, iCity ibanjwe inkunzi wuNdzandzeka nabasizi bakhe njengoba bakwenza kwiKaizer Chiefs sekukhahlelwa amaphenathi. Okubuhlungu kunakho konke ukuthi ube esenika abadlali beCity amakhadi abomvu okunguFagrie Lakay noMpho Makola ngoba bemsola ngokubabamba inkunzi kumaphenathi. Asibuke ibhola ngeqiniso singabuki ngokulandela amaqembu.
Zolo lokhu, uJelly Chavani, ubambe inkunzi AmaZulu enika iChiefs iphenathi engekho kwanyakaza izwelonke kukhulunywa ngakho. Okubuhlungu ababempongoloza kakhulu ngabalandeli bamaqembu amakhulu, abaMaZulu bathula.
Yebo, uChavani wenza into embi oSuthiwini angiyikhuthazi leya nto. Kwakungaqali ukuthi AmaZulu abanjwe inkunzi uma edlala namaqembu amakhulu.
Ngesizini edlule, unondweba wanika iPirates iphenathi ekubeni uGabadinho Mhango edlaliswe kabi ngaphandle kwebhokisi. Akukaze kuthiwe vu ngaleso sigameko.
Bekumele ngabe unondweba nabasizi bakhe baye kumaphenathi besiqaphe ngeso lokhozi isimo ngoba basibonile emdlalweni weChiefs neDowns. Kunomlandeli owakhuluma ohlelweni lukaVictor Molefe kuKhozi FM, wathi iDowns ivimba ngotikoloshe yikho ingangenelwa ngamagoli. Wathi iqembu elidlala nayo ngisho lingathola iphenathi ngeke ingene uzoyivimba Onyango. Mina utikoloshe weDowns kweyendebe yeMTN 8 kube unondweba nabasizi bakhe.
Sbu Mhlanga
EMTUBATUBA