UNGAMANGALI, njengoba sekumenyezeliwe ukuthi ukhetho lungoNovemba 1, 2021 kuningi ozokubona nosazokuzwa okuzobe kuqhamuka kosopolitiki, ngicela kungakuthusi.
Usazobona osopolitiki behleka kuvela elomhlathi, phela sekuyisikhathi sokukhumbula amandla ethu njengabavoti ukuthi angakanani nokuthi ayishintshe kangakanani impilo yabo.
Ungamangali uma ubabona bezifikela emphakathini yethu begona izingane ezigxaza amafinyila, hhayi ngoba bethanda baphoqwa yisimo. Kufana nokuthi bazofuna umsebenzi kithina, sebengenza noma yini ukuthola ivoti lethu, empeleni thina siyakhohlwa wukuthi yithina abaphathi bosopolitiki. Ungamangali uma ubona izimoto ezinkulu zohlobo oluphambili ongakaze uzibone, zishaya ujenga zifika ngakini. Ungadideki lokhu okuzobe kwenzeka vele kujwayelekile uma kuzoba nokhetho, vele isikhathi abasikhumbula ngaso lesi, ungamangali. Iningi labo alinamahloni, lifika ngalezi zimoto ezinkulu ligqoke izimpahla namajakhethi anemibala yezinhlangano zabo kodwa bangashiyi nesenti kulo mjondolo abasuke bezokhankasa kuwona, okubuhlungu basuke bebona nokuthi ungawa noma kunini.
Ungamangali, osopolitiki abakhathalele kuthenjwa, okubalulekile nje kubona yivoti lakho kuphela. Ungamangali uma benza izethembiso nabo abazi kahle ukuthi ngeke bazigcine. Ungathuki, laba bantu abanendaba, badlala ngenhlupheko yakho, bazokutshela ukuthi uma usubavotelile uzothola umsebenzi, izindlu, kuzokuba namanzi nogesi, bazokwakha imigwaqo nokunye. Ungamangali uma konke lokho abakuthembisayo bengakwenzi uma sewubakhethile. Ungaphatheki kabi uma sebekutshela ukuthi akuwona umsebenzi kahulumeni ukudala amathuba omsebenzi, okuyinto eseyehlukile kunalesi sikhathi besafuna ivoti lakho. Osopolitiki bathi behlala eKloof, Hillcrest nakoMhlanga, bakutshele ukuthi bakhulumela abantu abahlwempu.
Kusuka manje kuya kuNovemba 1, ungamangali uma ubona izikhulu zikamasipala zihambisana neMeya nekhansela bevakashele i-ward lakho beze ngezithembiso ezingeke zifezeke, phela bazele ivoti lakho (abalifuni-ke lelo qiniso). Uma ivoti lakho selibafakile emandleni ombuso, kuyashintsha ukudla epuletini bakhohlwe uwena mvoti, bachome ngokuthi banamakhansela amangaki emkhandlwini. Ningamangali futhi uma izitamkoko osekunesikhathi zaqhuma kodwa zilungiswe manje njengoba kuza ukhetho.
Ungamangali uma ubona imigwaqo ebiinemigodi ilungiswa manje, nekhansela uma selibonakala ekubeni nagcina ukulibona ngokhetho olwedlule, phela selumenyezeliwe usuku lokhetho.
Ungamangali, wonke umuntu usezoba nesikibha sakhe esinekhanda lomholi weqembu lepolitiki.
Ungamangali uma ubona impilo yabo osopolitiki neyemindeni yabo ishintsha ngemuva kwevoti lakho.
Kungakuthusi futhi ukuzwa ngokubulalana kwabo bebanga izikhundla. Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi abanendaba nami nawe kodwa le nto ingabo.
Kusukela manje kuya kuNovemba 1, usazozwa ukuthi obengenele isikhundla esithize udutshulwe engena kwakhe ephuma emhlanganweni.
Ngendlela le nto ebuhlungu ngayo uzobona ubuholi balelo qembu, buyogcwala emndenini liveza ukuzwelana kwalo nelungu elilahlekelwe.
Ungamangali uma kuboshwa omunye wozakwabo bakamufi. Ungadideki futhi uma sekusetshenziswa umngcwabo woshonile ukukhankasela ukuwina ukhetho, into ebuhlungu kodwa eyenzekayo.
Ngikhuluma nomunye wabangani bami, uthe kungangimangazi ukukhishwa kowayengumengameli ejele, wathi cabanga inhlangano ebusayo ithi iyokhankasa, abantu bayibuze ukuthi uphuma nini ejele. Uma eqhubeka, uthi bekuphoqelekile ukuthi akhishwe, uthi bekungenzeka okukhulu kakhulu kunalokho ngoba iqiniso ukuthi uyathandwa lo mnumzane, kukhona nabalibeka ngesihloko elokuthi bona bangamfela.
Ekugcineni kumele sihlalele ethembeni, singazitsheli ukuthi sijaha utalagu. Phela kwafa abantu ngaleli lungelo lokuvota, elethu kumele silisebenzise.