INCWADI: The dream about sinking
UMBHALI : Aleksandar Bajic
BASHICILELI: Porcupine Press
KUQINA ubuhlobo phakathi kwabangani ababhekene noGoliyathi. Abesifazane batholana ngesikhathi begijima emgwaqweni. Omunye ubalekela amaphoyisa ngemva kokugasela kwawo endaweni yobumnandi iMoostone. Kanti omunye akanaxhala kepha uyazilolonga nje emgwaqweni. UNadine ungummeli kanti uHelen usebenza endaweni yobumnandi lapho engumdansi futhi engumqwayizi.
Ubuhlobo babo abuqali kahle ngoba uHelen uyamfihlela uNadine ukuthi wenza msebenzi muni ngesikhathi beqala ukubonana.
Kuthi esagijima uNadine abhozonyelwe ngamadoda amabili azama ukumdlwengula kepha asizwe wukuthushuka kukaHelen. Uvele acoshe isitini uHelen, asakaze indoda ayilahle phansi. Kusobala ukuthi ibambane ikujwayele ukuzilwela ngenxa yomsebenzi wayo.
Ekhasini 67 uNadine uyazehlisa abonge usizo lukaHelen. “Okokuqala nje, ngeke ngikhohlwe yinto ongenzele yona namhlanje.” Buqina kanjalo ubuhlobo babo.
Kuqala utalatiya uma uNadine, esebenzisa umthetho ukuze alwe nezinkinga zokuqwayiza nokugqilazeka kukaHelen ngenxa yabazali abagembulayo.
UHelen udinga usizo ukuze aphume ebugqilini bokudayisa ngomzimba. UNadine uzama konke okusemandleni ukulwela uHelen, ukuthi aphume ngaphansi kokugqilazwa nguNathan, ofuna ukuthi aqhubeke nokuba ngumqwayizi. Phela uNathan, nguye olawula uHelen ukuthi udayisa kuphi, kanjani, nini. UHelen udayisa nje, kungenxa yezikweletu zabazali bakhe okumele azikhokhe!
Kusinda kwehlela ukutakula uHelen ngoba umlawuli (pimp) wakhe uNathan, akabhedelwa futhi ufuna akhokhe isikweletu asiqede uHelen.
UHelen uphephela eMexico, ngemva kokusizwa nguCarlos kulo mlisa onguNathan.
Ingqikithi igxile kwabesisfazane ababili abazalwa emindenini ehlukene yize bemhlophe. Ifundisa ngokwakha ubudlelwane obuqotho phakathi kwabangani.
Uma udinga olunye ulwazi ungathinta [email protected]