INCWADI: Revolutionaries' house
UMBHALI: Nthikeng Mohlele
ABASHICILELI: Jacana Media
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
UPHENDUKA undingasithebeni usopolitiki obeshayela phezulu ngemva kokukhishwa esikhundleni. Ugcina esengumalala epayipini ngaphansi kwebhuloho, aziphilise ngokwenza amatoho ezindaweni zokudlela lapho ewasha izitsha futhi ashanele phansi ukuze athole amasetshana.
Inoveli ilandisa ngomnumzane obehlonishwa futhi ephakeme kodwa ogcina eselala emgwaqweni ngaphansi kwebhuloho, iNelson Mandela, eGoli.
Umlobi uNthikeng Mohlele, weneka isithombe sempilo yabaholi bezombusazwe abashayela phezulu uma izinto zibahambela kahle encwadini ethi Revolutionaries' house.
Ulandisa ngoWinston, oyiqabane elilahlekelwa yikho konke empilweni ngenxa yenkohlakalo nemikhuba emibi eyenziwa yiqembu lakhe lezepolitiki.
Kugqabuka igoda lomshado, alahlekelwe wubukhazikhazi bempilo yosopolitiki agcine esekhosela ngaphansi kwebhuloho ukuze aziphilise.
Kukhona lapho uWinston efikelwa wumzwangedwa, ebalisa ngempilo yakhe futhi ezibuza ukuthi ufike kanjani ngaphansi kwebhuloho?
"Njengoba ngilele phezu kwebhokisi ebelifake ithelevishini ngaphansi kwebhuloho iNelson Mandela, sengilalela umculo odalwa wumsindo wesitimela, nowezimoto zamaphoyisa omgwaqo, nowama-ambulesi ankenenezayo phansi phezulu nomgwaqo. Ngicabanga ngabantu ababeyizitha zami ngesikhathi izinto zisangihambela kahle," uWinston, ukhuluma yedwa uqhathanisa isimo sempilo ngaphansi kwebhuloho eliseGoli, nempilo yokuba ngusopolitiki ohlonishwayo.
Inoveli ifundisa ngosopolitiki abacaphuna kusale ngesikhathi besezikhundleni kepha kuphele ukwazi uma sebekhishwa ngenxa yenkohlakalo. UNthikeng uphicaphica ngabaholi baseNingizimu Afrika, abadla imali yabantu bese kuthi uma sekubabhedela bafune ukudatshukelwa. Ukhalima abantu abanempakamo uma besakhomba ngophakathi bese beyadabukisa uma sekushabalala konke empilweni. UNthikeng akalona ivukana kwezokucikoza futhi zikhona ezinye izincwadi asezilobile okubalwa ethi Small things, A little light, Rusty bell nethi The discovery of love.
Ulimi olusetshenziswa ngumlobi luhlotshiswe kahle ngezifenqo nangamancoko.