UKWENYUKA kwezibalo zabahaqwa yiCovid-19 kudlule ku-10 000 ngosuku, kukhomba ukuthi kufanele abantu bazinakekele ngokwedlulele ukugwema ukutheleleka.
Ngokusho kweNational Institute for Communicable Diseases (NICD) kubantu abangu-39 613 abahloliwe emahoreni angu-24 edlule, bangu-10 017 okutholakale ukuthi bahaqekile. Kubikwe nokuthi, ngesikhathi esifanayo, kushone abangu-50 ngenxa yeCovid-19.
Izibalo zabatheleleka ngosuku sezimi ku-25.3%. Abantu abaningi batheleleka eGauteng, njengoba yenza uhhafu wezibalo zikazwelonke. Ngemva kweGauteng kulandela iKwaZulu Natal ngo-24%, Western Cape ngo-17%, Eastern Cape ngo-8%, Free State ngo-5%, kuvale iNorth West ngo-4%.
UMnyango wezeMpilo kuzwelonke ukholwa wukuthi ukwenyuka kwezibalo zabahaqwa yigciwane okukhona njengamanje, kudalwa wukuthi ngenyanga edlule abantu bebehlangene emasontweni bedumisa ngePhasika. Abanye bebenemicimbi ebihlanganisa abantu abaningi, okuholele ekutheni igciwane lisabalale kakhulu.
Nokho-ke umnyango uthe okwamanje ayikabi khona ingcindezi ezibhedlela ngenxa yokwenyuka kwezibalo zabahaqwa yigciwane muva nje.
Umnyango usanda kuveza ukuthi unenselelo yokugqoza kwabantu abagomela igciwane yize kunemikhankaso yokubakhuthaza. Lokhu kuyakhathaza ngoba kungena obusika obuhambisana nokugasela kwamagciwane ehlukene omkhuhlane.
Konke lokhu kuphonsela abantu baseNingizimu Afrika inselelo, yokuthi bazinakekele ngokweqile ukugwema amagciwane.
Ukuzinakekela nokuziphatha ngendlela efanele kwabantu kungasho ukungavalwa kwezwe, esesike sakubona kuba nomthelela ongemuhle kwezomnotho.
Ngakho kusemahlombe ethu sonke ukuthi siqhubeke nezaba zokuphepha kwiCovid-19 ukuze kungaphinde kuphazamiseke umnotho ngenxa yokuvalwa kwezwe. Kuzosilekelela nokuthobela imithetho ebekiwe.