Mhleli: Umsakazi ongaconsi phansi kubalaleli boKhozi FM uTshathugodo Ngobe usamisiwe ekusakazeni uhlelo ISIDLOSASEKUSENI. Lolu hlelo ubelusakaza nentokazi ezitshela ukuthi emisakazweni kukubo uNongcebo Mckenzie . Lokhu ngikusho ngoba uma uke waxabana naye ezinkundleni zokuxhumana uyakublokha kweyakhe inkundla. Lokhu kuholela ekutheni azenzele umathanda emisakazweni ngoba unekhasi lakhe angeke alawulwe kulo.
Angibuyele endabeni kaTshathugodo okhombise ukuvuthwa ngesikhathi elawula abantu abahlela umkhankaso wokuba abuyiselwe emsakazweni njengoba esamisiwe. Iqiniso lithi uNgobe waphula umthetho waphinde wadicilela isithunzi senhlangano ngokuyifanisa nabenzi benkohlakalo. Kodwa ke lokho sekufana namanzi asechithekile angeke esabutheka. Engikuthandile kuTshatha ukuthi utshele abahleli ukuthi uma benza le mikhankaso yabo kodwa bangalimazi igama lakhe njengokuthi kuthiwe uyena umhleli wayo kanti akusiyena kodwa abalaleli. Okungijabulisile wukuthi uze wathi ayihlale phansi ibambe umthetho, lokhu kusikhombisa ukuvuthwa kakhulu ngolwazi ngento engase imfake enkingeni. Imikhankaso enjena iyaye ithele izithelo kwesinye isikhathi. Engingakusho ukuthi abalaleli abafuna kubuyiswe uTshatha lokho kungabasebenzela, ngoba noRobert Marawa kwamsebenzela ngesikhathi abalaleli bezwakalisa ilaka labo ngokukhonjwa indlela kukaMarawa kwiMetro FM. Uma ngabe iSABC iqinisile ukuthi bayazilalela izikhalo zabalaleli uma benganeme.. Uyabona umsakazo ofana noKhozi FM onabalaleli abaningi kumele kusukunyelwe ukukhala kwabo. Ngendlela esengimbona ngayo uTshatha usesifundile isifundo ngakwenza futhi uzimisele ngokubuyela enkundleni yezokusakaza. Asimnike ithuba futhi umelwe ukuxolelwa ngoba ukhombise ukuzisola ngokuxolise emphakathini. Ukube ngikubaphathi beSABC bengizomxolela uNgobe abuyele embhobhweni enze into azalelwa yona.
Khabzela KB Mzimela EZWELIBOMVU